Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 18:20 - IsiZulu 2020

20 USimakade wamtshela u-Abhrahama wathi: “Isikhalo ngeSodoma neGomora sesisikhulu kakhulu, nezono zabo zimbi kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UJehova wathi: “Isikhalo saseSodoma nesaseGomora sikhulu, nezono zabo zinzima impela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 INkosi yasisithi: Ngoba isililo seSodoma leGomora sikhulu, langoba isono sabo sinzima kakhulu;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 18:20
14 Referans Kwoze  

Isikhalo ngalo muzi sesisikhulu phambi kukaSimakade. Ngalokho usithumile ukuba sizowubhubhisa.”


Ukubukeka kobuso babo kufakaza ngabo; izono zabo bazenza obala njengaseSodoma, abazifihli. Maye kubo! Ngokuba bazilethela ububi phezu kwabo.


Abantu baseSodoma babonakele kakhulu, benza inkohlakalo yodwa phambi kukaSimakade.


Wathi kuye: “Ukwenzeleni lokho na? Igazi lomnawakho liyakhala kimi lisemhlabathini!


Bhekani, umholo wezisebenzi ezivuna emasimini enu, eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwababevuna sekufinyelele ezindlebeni zeNkosi Yamabandla.


Simakade, nakuba izono zethu zifakaza ngathi, kodwa yenza okuthile, ngenxa yegama lakho, ngokuba ukuhlubuka kwethu kukhulu; sonile kuwe.


Isivini sikaSimakade Wamabandla yindlu ka-Israyeli, bonke abantu bakwaJuda bayisithombo sakhe esithandekayo; walindela ubulungiswa, kodwa kwachitheka igazi; wabheka ukulunga, kodwa kwaba ngukukhala.


Kwathi lapho zingakalali, kwafika bonke abesilisa baseSodoma, abancane nabadala, bazungeza indlu kaLothi.


Ngibone into embi kubaphrofethi baseJerusalema; bayaphinga, bahamba ngobuqili, bakhuthaza abenza okubi ukuze kungaphenduki muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi, nezakhamuzi zakhona zinjengeGomora.”


Udadewenu omdala kwakuyiSamariya, amadodakazi akhe, akhe ngasenyakatho yakho. Udadewenu omncane kunawe, wayehlala ngaseningizimu kwakho, uyiSodoma namadodakazi alo.


Fakani isikela, ngokuba isivuno sesivuthiwe; wozani nizogxoba, ngokuba isikhamo sewayini sigcwele, nezimbiza zewayini ziyachichima, impela ububi babo bukhulu.”


“Phuthuma uye emzini omkhulukazi, iNineve, umemezele kuwo ukuthi ububi bawo sebenyuke baze bafika phambi kwami.”


UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba bonke abantu babeziphethe kabi emhlabeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite