Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 18:16 - IsiZulu 2020

16 Lawo madoda asukuma ahamba alibhekisa eSodoma, u-Abhrahama wawaphelezela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Amadoda asuka lapho, abheka ngaseSodoma; u-Abrahama wahamba nawo ewaphelekezela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Amadoda asuka lapho abheka ngaseSodoma; u-Abrahama wahamba nawo ukuba awangenise endleleni.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 18:16
9 Referans Kwoze  

Kepha kuthe seziphelile lezo zinsuku, saphuma sahamba, siphelezelwa yibo bonke, nomkabo nabantwana, baze basibeka ngaphandle komuzi. Saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,


belusizi kakhulu ngezwi alisho kubo elithi abasayukubuye babubone ubuso bakhe. Bamphelezela, baya emkhunjini.


Ngakho-ke ibandla labathuma, badabula eFenike naseSamariya. Balandisa abazalwane ngokuphenduka kwabezizwe, baletha intokozo enkulu kubazalwane.


Bona bafakazile ngothando lwakho, phambi kwebandla. Kuyakuba yinto enhle kakhulu ukuba nxa sebehamba, ubanike usizo ngendlela eyamukelekayo kuNkulunkulu.


ngiyokuza ngesikhathi ngiya eSpaniya. Ngokuba ngiyethemba ukuthi ekwedluleni kwami, ngizakunibona, bese nina ningiphelezela nxa senganelisekile ukuhlala nani.


Kwathi lapho u-Abhrahama ephakamisa amehlo, wabona amadoda amathathu emi buqamama naye. Uthe angawabona, wasuka emnyango wethende lakhe, wathathela ngejubane ewahlangabeza, wafike wakhothama wathi mbo ngobuso.


USara washaywa wuvalo, wenza izaba wathi: “Angihlekanga.” Kepha iNkosi yathi: “Qha, uhlekile.”


Lawo madoda awufulathela umuzi ka-Abhrahama, alibangisa eSodoma, kodwa u-Abhrahama wasala emi phambi kukaSimakade.


Izingelosi ezimbili zafinyelela eSodoma kusihlwa; uLothi wayehlezi esangweni eSodoma. Uthe angazibona, wasukuma, wazihlangabeza, wathi mbo ngobuso emhlabathini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite