Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 18:11 - IsiZulu 2020

11 U-Abhrahama noSara base bebadala, iminyaka yabo isihambile kakhulu, uSara engasakwazi ukuthola abantwana.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kepha o-Abrahama noSara base begugile, beneminyaka eminingi; kwase kuphelile kuSara okwabesifazane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 U-Abrahama noSara base bebadala, sebekhulile; kwase kunqamuka ukuba kuSara njengabesifazane.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 18:11
14 Referans Kwoze  

U-Abhrahama wakhothama wathi mbo ngobuso wahleka, wakhuluma yedwa wathi: “Indoda ingayizala kanjani ingane isinekhulu leminyaka na? USara angabe esakwazi ukuzala ingane esehlanganise iminyaka engama-90, na?”


wabona ukuthi uNkulunkulu unamandla okuvusa kwabafileyo; ngokungathekisa singathi wabuye wayithola indodana yakhe kungathi ivela kwabafileyo.


Phela u-Elizabethe, isihlobo sakho, obekuthiwa inyumba naye ukhulelwe indodana esemdala; le yinyanga yakhe yesithupha.


UZakhariya wathi engelosini: “Ngiyakukwazi ngani lokhu na? Sengiyindoda endala, nomkami usekhule kakhulu.”


Kepha babengenamntwana, ngokuba u-Elizabethe wayeyinyumba, futhi bobabili base bekhulile.


“ ‘Uma owesifazane ejwayele ukumfimfa igazi emzimbeni wakhe, uyakuhlala engcolile izinsuku eziyisikhombisa; bonke abamthintayo bayakuba ngabangcolileyo kuze kuhlwe.


URaheli wathi kuyise: “Ungangithukutheleli ngokuba ngingazange ngisukume phambi kwakho, yingoba ngisesikhathini.” ULabani wacinga, kodwa akabatholanga onkulunkulu.


U-Abhrahama wayesehlanganise iminyaka engama-99 mhla esokwa.


Waqhubeka wathi: “Ngubani owayengase athi ku-Abhrahama: ‘USara usengancelisa abantwana na?’ Kodwa nokho ngimzalele umntwana esemdala.”


U-Abhrahama wayesemdala, neminyaka yakhe isiminingi kakhulu. USimakade wayembusisile u-Abhrahama ezintweni zonke.


USara inkosikazi yenkosi yami yamzalela indlalifa esemdala, futhi uyinike konke anakho.


UJoshuwa wayesemdala, eseneminyaka eminingi; uSimakade wathi kuye: “Usukhulile, neminyaka yakho isihambile, liseliningi izwe okusafanele ukuba lidliwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite