Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 17:13 - IsiZulu 2020

13 noma ngabe bazalelwe kwakho, noma bathengwe ngemali; mabasokwe. Lolu phawu alushaywe emizimbeni yenu lube yisivumelwano sami saphakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Makasokwe ozelwe endlini yakho nothengwe ngemali yakho; isivumelwano sami siyakuba senyameni yenu, sibe yisivumelwano esiphakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ozelwe endlini yakho nothengwa ngemali yakho makasokwe; isivumelwano sami siyakuba senyameni yenu njengesivumelwano esiphakade.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 17:13
15 Referans Kwoze  

kodwa noma yisiphi isigqila esithengwe ngesiliva singalidla emva kokuba sisokiwe;


Ngathi kulo: “Sisanda kubahlenga ngokusemandleni ethu abafowethu abangabaJuda, abebekade bethengiselwe ezinye izizwe; manje senidayisa ngabafowenu, sekufanele sibathenge kini na?” Bathula bathi du, ngoba bengenamazwi okuphendula.


AbakwaMidiyani bamthengisa uJosefa eGibhithe kuPotifari, inceku kaFaro, induna yabalindi.


Kepha engenalutho lokukhokha, inkosi yayala ukuba kuthengiswe ngaye, ngomkakhe, nabantwana bakhe nangakho konke ayenakho, ukuze kukhokhwe isikweletu.


Siyafana nabafowethu, nezingane zethu ziyafana nezabo, kodwa siphoqa amadodana ethu namadodakazi ethu ukuba abe yizigqila; asinamandla, amasimu ethu nezivini zethu manje sekungokwabanye.”


“Noma ngubani othumba omunye, athengise ngaye noma atholakale kuye, kufanele abulawe.


Uma umniniso esinike umfazi samzalela amadodana noma amadodakazi, owesifazane nabantwana bayoba ngabomnini wesigqila, sona siphume sihambe sodwa.


uma uthenga isigqila somHebheru, masikusebenzele iminyaka eyisithupha, ngonyaka wesikhombisa siyakuhamba singesikhululekileyo, singakhokhi lutho.


UJosefa bamthatha baya naye eGibhithe, uPotifari, esinye sezikhulu zikaFaro, umphathi wabaqaphi, wamthenga kwabakwa-Ishmayeli ababefike naye.


Asimthengisele abakwa-Ishmayeli engenamyocu, ngokuba ungumfowethu, uyinyama yethu.” Abafowabo bamlalela.


U-Abhrama waqhubeka wathi: “Njengoba ungincishe umntwana nje, kusobala ukuthi le nceku ezalelwe lapha ekhaya yiyona ezokuba yindlalifa yami.”


Kuthe angezwa u-Abhrama ukuthi isihlobo sakhe sithunjiwe, wayesekhipha amadoda angama-318 ayeqeqeshelwe impi, ezalelwe emzini wakhe, wahamba nawo; bayixosha eyesitha baze bayofika kwaDani.


Kuyothi njalo uma kuvela uthingo lwenkosazana emafini, ngilubheke qede ngikhumbule isivumelwano saphakade esikhona phakathi kwami nezilwane zonke eziphilayo emhlabeni ngezinhlobo zazo.”


Ngiyakumisa isivumelwano esiphakade phakathi kwami nawe, nezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wakho nowazo.


Kepha uma umphristi ethenga umuntu, lowo amthenge ngemali yakhe uyokukudla, nalabo abazalelwe kwakhe bayosidla isinkwa sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite