Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 17:10 - IsiZulu 2020

10 Yilesi isivumelwano sami nawe nezizukulwane zakho, okufanele nisigcine: wonke umuntu wesilisa phakathi kwenu kufanele asokwe,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Yilesi isivumelwano sami phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho eniyakusigcina ukuthi bayakusokwa bonke abesilisa bakini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Lesi yisivumelwano sami eniyakusigcina phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho; Wonke umntwana wesilisa phakathi kwenu kufanele asokwe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 17:10
29 Referans Kwoze  

“Wayesemnika isivumelwano sokusoka. Waba kanjalo-ke nguyise ka-Isaka, wamsoka ngosuku lwesishiyagalombili. U-Isaka wazala uJakobe, uJakobe wazala okhokho abali-12.


Ngokuba singabasokile thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizigqaja kuKhristu uJesu, asilibekile ithemba lethu enyameni,


njengalokhu emunye uNkulunkulu oyakulungisisa abasokileyo nabangasokile ngokukholwa.


Ngaleso sikhathi uSimakade wathi kuJoshuwa: “Yenza imimese ngetshe lensengetsha bese usoka abantu bakwa-Israyeli okwesibili.”


ukuze lokhu kube wuphawu lwesivumelwano phakathi kwami nani.


Ngakho-ke khumbulani ukuthi nanikade ningabezizwe ngokwenyama, nibizwa ngokuthi ningabangasokile yilabo abaziwa ngokuthi basokile, okwenziwa ngezandla enyameni,


Yilabo abafuna ukuzibonakalisa enyameni, abaniphoqa ukuba nisoke kuphela nje, ukuze bangazingelwa ngenxa yesiphambano sikaKhristu.


USimakade uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yozalo lwakho, ukuze umthande uSimakade uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangawo wonke umphefumulo wakho, ukuze uphile.


Akusekho mJuda namGriki, oboshiweyo nokhululekileyo; akusekho owesilisa nowesifazane, ngokuba nonke nimunye kuKhristu uJesu.


Ngakho-ke sithi umuntu ulungisiswa ngokukholwa, ngaphandle kwemisebenzi yomthetho.


ammisileyo uNkulunkulu ukuba abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, ukuze kubonakaliswe ukulunga kukaNkulunkulu, ngokuyekelwa kwezono ezazenziwe phambilini,


Ngokuba umJuda akasiye umJuda woqobo ngezinto ezibonwayo, kanjalo nokusoka akusikho nje okubonwa enyameni.


UMose uninike ukusoka, kungesikho ukuthi kuvela kuye kodwa kokhokho. Niyamsoka umuntu ngeSabatha.


Zisokeleni uSimakade, nisuse amajwabu ezinhliziyo zenu, nina bantu bakwaJuda, nani zakhamuzi zaseJerusalema, funa intukuthelo yami iphume njengomlilo, ivuthe, kungabi bikho oyicimayo, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Kwakuyilesi isizathu sokuba uJoshuwa abasoke: bonke abesilisa kubantu abaphuma eGibhithe, nawo wonke amabutho, babefele endleleni ehlane emveni kokuphuma kwabo eGibhithe.


Ngalokho niyakusoka ijwabu lenhliziyo yenu, ningabe nisaba ntamo lukhuni.


“Uma umfokazi ohlala nani efuna ukuligubha iphasika likaSimakade, kufanele asokwe yena nabo bonke abesilisa, bese beyasondela baligubhe iphasika, njengoba bonke abantu bengabakhe. Kepha bonke abangasokile akumele balidle iphasika.


UZiphora wathatha itshe elicijile wasika ijwabu lendodana yakhe, wathinta izinyawo zikaMose, wathi: “Ungumyeni wami wegazi kimi.”


Siyakuvuma lokho, inqobo nje uma nizoba njengathi, kusoke bonke abesilisa bakini.


Ngalolo lusuku u-Abhrahama wabiza u-Ishmayeli nazo zonke izinceku ezazizalelwe kwakhe, nazo zonke izigqila ayezithengile, wabasoka, njengalokhu uNkulunkulu ayemyalile.


nabo bonke abendlu yakhe, labo ababezalelwe kwakhe, nezigqila ezazithengwe kwabezizwe.


U-Abhrahama wamsoka u-Isaka esenezinsuku eziyisishiyagalombili ezelwe njengoba uNkulunkulu ayemyalile.


Bavumile ukuthi bangahlala phakathi kwethu, sibe muntu munye, kuphela nje uma bonke abesilisa phakathi kwethu bezosokwa njengoba nabo besokiwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite