Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 16:7 - IsiZulu 2020

7 Ingelosi kaSimakade yamthola uHagari ehlane eduze kwesiphethu esasibuqamama nomgwaqo oya eShuri.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ingelosi kaJehova yamfumana ngasemthonjeni wamanzi ehlane, umthombo osendleleni eya eShuri.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ingelosi kaJehova yamfumana ngasemthonjeni wamanzi ehlane ngasemthonjeni osendleleni eya eSuri.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 16:7
13 Referans Kwoze  

UMose wabahola abantu bakwa-Israyeli besuka oLwandle Lomhlanga, baze bafika ehlane iShuri, bahamba izinsuku ezintathu ehlane, kodwa abatholanga manzi.


Izizukulwane zakhe zakha kusukela eHavila kuyoshaya eShuri, eduze nomngcele eGibhithe uma ulibhekise e-Ashuri. U-Ishmayeli wayengumdlwembe phakathi kwabafowabo, ehlala ebachukuluza.


UNkulunkulu wakuzwa ukukhala komfana. Ingelosi kaNkulunkulu yammemeza uHagari isezulwini, yathi kuye: “Kwenzenjani Hagari? Ungesabi, ngokuba uNkulunkulu ukuzwile ukukhala komfana, lapho ekhona.


Amehlo kaSimakade asezindaweni zonke, aqapha abahle nababi.


USawule wawanqoba ama-Amaleki kusukela eHavila kuya ngaseShuri elingaphambi kweGibhithe.


Ingelosi kaNkulunkulu yayisithi kimi ephusheni: ‘Jakobe!’ “Ngathi: ‘Ngilapha.’


Ingelosi kaSimakade yaphinda yambiza u-Abhrahama ngokwesibili isezulwini, yathi:


Kusenjalo, ingelosi kaSimakade yamemeza isezulwini, yathi: “Abhrahama, Abhrahama!” Wathi: “Ngilapha.”


U-Abhrahama wayesesuka lapho ayekade egobe khona amadlangala, waya esifundeni esiseningizimu, wahlala phakathi kweKadeshi neShuri. Wahlala ngasemzini waseGerari engumfokazi.


Phakama umthathe umfana, umbambe ngesandla umqinise, ngokuba ngizomenza abe yisizwe esikhulu.”


UNkulunkulu wawavula amehlo akhe, wabona umthombo wamanzi. Waya kuwo wafike wakha amanzi, wagcwalisa imvaba, wamphuzisa umfana.


USimakade uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nakwelakithi lengabade, wakhuluma kimi, wangethembisa ngesifungo, wathi: ‘Leli lizwe ngiyolinika isizukulwane sakho.’ Uyothumela ingelosi yakhe ikuhole, okwakho ukuyotholela indodana yami umfazi lapho.


Ingelosi kaSimakade yabonakala kuye elangabini lomlilo phakathi kwesihlahla. Wabona ukuthi isihlahla siyavutha, kodwa asipheli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite