Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 16:6 - IsiZulu 2020

6 U-Abhrama wathi: “Incekukazi yakho isezandleni zakho. Yenza noma yini oyibona ifanele.” USarayi wamhlupha uHagari waze wabaleka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 U-Abrama wathi kuSarayi: “Bheka, incekukazi yakho isesandleni sakho; yenza kuyo okufanele emehlweni akho.” USarayi wayilaya, yabaleka ebusweni bakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kepha u-Abrama wathi kuSarayi: “Bheka, incekukazi yakho isesandleni sakho; yenza kuye ngokuthanda kwakho. Kwathi lapho uSarayi emphatha kabi, wabaleka ebusweni bakhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 16:6
15 Referans Kwoze  

UZedekiya, inkosi, wayesethi: “Bhekani, usesandleni senu, ngokuba inkosi ayinamandla okuphikisana nani.”


Kanjalo nani madoda, hlalani nabafazi benu niqonda ukuthi owesifazane unjengesitsha esibuthakathaka; nibanike inhlonipho, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.


Uma ulaka lombusi lukuvukela, uze ungasuki endaweni yakho; ukuthobeka kulungisa amaphutha amakhulu.


Inceku ayisolwa ngamazwi nje, ngokuba noma iqonda ayiyukulalela.


Njengenyoni esuka ibaleka esidlekeni sayo, unjalo umuntu obalekele indawo yakhe.


Impendulo ezothile iyaludambisa ulaka, kodwa izwi elilimazayo libhebhezela intukuthelo.


Owephuzayo ukuthukuthela unokuqonda okukhulu, kepha lowo othukuthela ngokushesha uphakamisa ubuwula.


USimakade wayesethi kuSathane: “Kulungile-ke, ngimnikela esandleni sakho, kodwa ungalinge uthinte umphefumulo wakhe.”


Lapho uFaro esezwile ngalokho wafuna ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka phambi kukaFaro, wayohlala kwaMidiyani, wahlala phansi eduze komthombo.


Inceku yathatha amakameli ayishumi omniniyo, yahamba iphethe izimpahla ezinhle ezinhlobonhlobo ezivela kumnumzane. Yalibangisa e-Aramu Naharayimu, emzini okwakwakhe kuwo uNahori.


Ingelosi kaSimakade yathi kuye: “Buyela kuyo inkosikazi ufike uzithobe.”


Kepha manje sesisezandleni zenu, yenza ngathi lokho obona kufanele ukuba ukwenze kithi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite