Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 16:2 - IsiZulu 2020

2 USarayi wathi ku-Abhrama: “Bheka, uSimakade ungivale inzalo. Hamba ulale nencekukazi yami, mhlawumbe ingase ingivusele umuzi.” U-Abhrama walilalela izwi lomkakhe uSarayi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 USarayi wathi ku-Abrama: “Bheka-ke, uJehova ungivalile ekuzaleni; mawungene kuyo incekukazi yami; mhlawumbe ngizakwakhelwa ngayo.” U-Abrama walalela izwi likaSarayi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 USarayi wathi ku-Abrama: “Bheka, uJehova ungivalile ukuba ngizale; Ngena encekukazini yami; mhlawumbe ngingathola abantwana naye. U-Abrama walilalela izwi likaSarayi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 16:2
16 Referans Kwoze  

Uma umniniso esinike umfazi samzalela amadodana noma amadodakazi, owesifazane nabantwana bayoba ngabomnini wesigqila, sona siphume sihambe sodwa.


Enye yalawo madoda yathi: “Ngizobuya noma kanjani ngalesi sikhathi ngonyaka ozayo; umkakho uSara uzobe esenendodana.” USara wakuzwa lokho esemnyango wethende ngemva kuka-Abhrahama.


Endodeni wathi: “Ngenxa yokuba ulalele umkakho, wadla isithelo engikudonse ngendlebe ngathi ungasidli, ngalokho umhlabathi usuqalekisiwe ngenxa yakho. Uyokhandleka ukuze uthole ukudla kuwo, izinsuku zonke zokuphila kwakho.


Bheka, abantwana bayifa elivela kuSimakade, isithelo sesibeletho singumklomelo.


Bonke abantu ababelapho esangweni, namalunga, basho ngazwi linye bathi: “Singofakazi. Sengathi uSimakade angamenza lona wesifazane ozohlala endlini yakho abe njengoRaheli noLeya, bobabili abayakha indlu ka-Israyeli. Sengathi ungaba nempumelelo e-Efratha ube nodumo eBhethlehema.


UNkulunkulu wamkhumbula noRaheli, wawuphendula umkhuleko wakhe, wasivula isibeletho sakhe.


U-Isaka wamkhulekela kuSimakade uRibheka umkakhe, ngokuba wayengabatholi abantwana, iNkosi yawuzwa umkhuleko wakhe, uRibheka wakhulelwa.


ngoba uSimakade wayekade ebavale izibeletho bonke abendlu ka-Abhimeleki ngenxa kaSara umka-Abhrahama.


Ngizombusisa akuzalele indodana, abe ngunina wezizwe eziningi okuyovela kuzo amakhosi ayobusa izizwe.”


Umuntu waphendula wathi: “Lo wesifazane owanginika yena, nguyena onginike isithelo somuthi, nami-ke ngasidla.”


URaheli wathi: “UNkulunkulu ungehlulele, futhi ulizwile izwi lokunxusa kwami, wangipha indodana.” Ngenxa yalokho wayiqamba igama wathi nguDani.


Langa limbe indodakazi endala kaLothi yathi kwencane: “Ezweni lonke abantu bayaganana, kodwa lapha akukho ndoda esingayigana kanti nobaba usegugile.


USarayi wayeyinyumba, engenabantwana.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite