Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 15:3 - IsiZulu 2020

3 U-Abhrama waqhubeka wathi: “Njengoba ungincishe umntwana nje, kusobala ukuthi le nceku ezalelwe lapha ekhaya yiyona ezokuba yindlalifa yami.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 U-Abrama wathi futhi: “Bheka, awunginikanga nzalo; bheka, inceku yendlu yami iyakuba yindlalifa yami.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wayesethi u-Abrama: “Bheka, awunginikanga nzalo; bheka, ozelwe endlini yami uyakuba yindlalifa yami.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 15:3
10 Referans Kwoze  

Kuthe angezwa u-Abhrama ukuthi isihlobo sakhe sithunjiwe, wayesekhipha amadoda angama-318 ayeqeqeshelwe impi, ezalelwe emzini wakhe, wahamba nawo; bayixosha eyesitha baze bayofika kwaDani.


Inceku ekhuliswa ngokutotoswa kwasebuntwaneni, isiphetho sayo siyoba sibi.


Ngathenga izigqila zesilisa nezesifazane, nalezo ezazizalelwe kwami; nganginemfuyo eningi, imihlambi yezinkomo neyezimvu nezimbuzi, kukuningi ukwedlula okukanoma ngubani owangendulelayo eJerusalema.


Wena, Simakade, ulungile, noma ngikumangalela. Nokho ngiyakukhuluma nawe ngokwehlulela: kungani indlela yezikhohlakali ichuma na? Kungani banethezeke abakhohlisi boqobo na?


nalapho isaliwakazi sigcagca, nencekukazi ithatha indawo yenkosikazi yayo.


Ithemba elingakagcwaliseki ligulisa inhliziyo; isifiso esiphumelele singumuthi wokuphila.


Ngiyokwandisa izizukulwane zakho zibe ngangothuli lomhlaba, ukuze kuthi uma kukhona ongase akwazi ukubala uthuli lomhlaba, angazibala nezizukulwane.


Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.


U-Abhrama waphendula wathi: “Nkosi Simakade, uzonginikani njengoba ngingenamntwana nje? Ngisho nefa lami imbala lizodliwa ngu-Eliyezeri waseDamaseku.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite