Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 15:17 - IsiZulu 2020

17 Selishonile ilanga, sekumnyama, kwabonakala imbawula eshunqayo nesihlonti sikhephuka ilangabi kudabula phakathi kwezinhlangothi zenyama.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kwathi ngokushona kwelanga kwaba mnyama, bheka, nanto iziko elithunqayo, nelangabi lomlilo ladabula phakathi kwalezo zinxenye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Futhi kwenzeka ukuthi, lapho ilanga selishonile futhi kuba mnyama, kwakukhona isithando somlilo esivuthayo nesibani esivuthayo sidlula phakathi kwalezo zicucu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 15:17
13 Referans Kwoze  

Ingelosi kaSimakade yayisithinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo ngesihloko senduku eyayisesandleni sayo; kwaphuma umlilo edwaleni, wadla inyama namaqebelengwane angenamvubelo; ingelosi kaSimakade yayisinyamalala emehlweni akhe.


engayala ngaso okhokho benu mhla ngibakhipha eGibhithe, esithandweni sensimbi, athi: “Yizwani izwi lami, nikwenze konke lokho enginiyala ngakho, niyoba ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wenu;


UDavide wamakhela lapho uSimakade i-althare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, wakhuleka kuSimakade. USimakade esezulwini waphendula ngomlilo e-althare leminikelo wokushiswa.


Ngenxa yeZiyoni angiyukuthula, nangenxa yeJerusalema angiyukuphumula, kuze ukulunga kwalo kuphume njengokukhanya, nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo.


Kwaphuma intuthu emakhaleni akhe, nomlilo oqothulayo emlonyeni wakhe, namalahle avuthayo kuye.


Kwathi lapho ilangabi lenyukela ezulwini, lisuka e-althare, ingelosi kaSimakade yenyuka ngalo, uManowa nomkakhe bebukela, base bethi mbo ngobuso emhlabathini.


Nokho uSimakade wakuthatha wena, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibhithe, ukuze nibe ngabantu abayifa lakhe njenganamuhla.


U-Abhrama wakuletha kuSimakade konke lokho, wakwehlukanisa izingxenye ezimbili, wazihlela izinhlangothi zabhekana, kodwa izinyoni akazehlukanisanga.


Yonke intaba iSinayi yayithunqa intuthu, ngokuba uSimakade wayehlele kuyo ngomlilo, intuthu yayo yenyuka njengentuthu yesithando somlilo; intaba yonke yazamaza kakhulu.


Umlilo kaSimakade wehla, wawuqeda umnikelo wokushiswa, nezinkuni, namatshe, nothuli, waze wakhotha namanzi ayesemseleni.


Lapho bonke abantu bezwa ukuduma kwezulu, nombani, nokukhala kwecilongo, bebona nentaba ithunqa, bathuthumela, bamela kude.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite