Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 15:14 - IsiZulu 2020

14 Kepha ngiyosijezisa isizwe esiyobe siyigqilazile, kuthi ekugcineni iphume isinefa elikhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Kepha leso sizwe eyakuba yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina; ngasemuva iyakuphuma inempahla eningi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Futhi futhi leso sizwe abayosikhonza, ngizosahlulela; futhi emva kwalokho bayophuma nezinto ezinkulu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 15:14
24 Referans Kwoze  

“Lapho uJakobe esefikile eGibhithe, okhokho benu bakhala kuSimakade. USimakade wathuma uMose no-Aroni, babakhipha okhokho benu eGibhithe, wabahlalisa kule ndawo.


Ngokuba uSimakade uyokwehlulela abantu bakhe, azihawukele izinceku zakhe.


ngokuba uSimakade uNkulunkulu wethu nguYena owasikhipha thina nokhokho bethu Gibhithe, endlini yobugqila, nowenza lezo zibonakaliso emehlweni ethu. Wasivikela endleleni yonke esahamba kuyo, naphakathi kwabo bonke abantu esedlula phakathi kwabo.


USimakade wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezesabekayo phezu kweGibhithe, naphezu kukaFaro nendlu yakhe yonke phambi kwamehlo ethu,


Nokho uSimakade wakuthatha wena, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibhithe, ukuze nibe ngabantu abayifa lakhe njenganamuhla.


Wathumela izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibhithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.


Ngonile kuwe, kuwe wedwa, ngenza okubi emehlweni akho. Wena ulungile nxa wehlulela, futhi kucacile ukwehlulela kwakho.


Ngakho-ke hamba, ngiyakuthuma kuFaro ukuba uyokhulula abantu bami eGibhithe, abantu bakwa-Israyeli.”


USimakade walikhumbula izwi lakhe elingcwele no-Abhrahama, inceku yakhe.


U-Israyeli wayesethi kuJosefa: “Sengizokufa, kodwa uNkulunkulu uzokuba nani, aniphindisele ezweni lokhokho benu.


UJosefa wathi kubafowabo: “Sengizokufa mina, kodwa uNkulunkulu akasoze anilibala nakanye, uyonikhuphula kuleli lizwe, aniphindisele ezweni alethembisa ngesifungo ko-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe.”


Phakathi kwamabili uSimakade wabhubhisa wonke amazibulo abaseGibhithe, kusukela ezibulweni likaFaro owayehleli esihlalweni sakhe sobukhosi ngaleso sikhathi, kuya ezibulweni lesiboshwa esisejele, nawo wonke amazibulo emfuyo.


Kepha leso sizwe abayakuba yizigqila zaso; ngiyakusehlulela,’ kusho uNkulunkulu, ‘emveni kwalokho bayakuphuma, bangikhonze kule ndawo.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite