Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 15:13 - IsiZulu 2020

13 Wathi ku-Abhrama: “Yazi lokhu ukuqonde ukuthi inzalo yakho iyokuba ngabafokazi ezweni okungesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engama-400.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Wathi ku-Abrama: “Yazisisa ukuthi inzalo yakho izakuba ngumfokazi ezweni elingesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engamakhulu amane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Wathi ku-Abrama: “Yazi nokwazi ukuthi inzalo yakho iyakuba ngabafokazi ezweni elingesilo elayo, ibakhonze; bayakubacindezela iminyaka engamakhulu amane;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 15:13
26 Referans Kwoze  

AbaseGibhithe baqoka abaphathi bezigqila ukuze babagqilaze abantu bakwa-Israyeli ngokubaphoqa ukwenza umsebenzi onzima, bamakhele uFaro imizi yokugcina izinto ePhithomi naseRamesesi.


“Kwathi sesisondele isikhathi sesithembiso uNkulunkulu asethembisa ku-Abhrahama, base banda ngokuphindiwe eGibhithe,


Yilokhu engikushoyo ukuthi isivumelwano esaqiniswa phambilini nguNkulunkulu, akukho mthetho obekwe emva kweminyaka engama-430 ongasesula noma usiqede, sona kanye nesithembiso.


“ ‘Umfokazi ogogobele phakathi kwenu, uyokuba njengowolibo phakathi kwenu, niyomthanda njengalokhu nizithanda nina, ngokuba nani naningabafokazi eGibhithe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Ngikunika lonke iKhanani ongumfokazi kulo njengamanje, libe yifa lakho laphakade nelezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wazo.”


Bathandeni abafokazi, ngokuba nani naningabafokazi eGibhithe.


Awuyukumcindezela umfokazi, uyayazi inhliziyo yomfokazi, ngokuba nani naningabafokazi eGibhithe.”


“Awuyukumphatha kabi noma umcindezele umfokazi ohlala nawe, ngokuba nawe wawungumfokazi eGibhithe.


Kuyothi isizukulwane sakho sesine sibuyele kule ndawo, ngokuba ukona kwama-Amori akukapheleliswa.”


Baqhubeka bathi kuFaro: “Size ukuzogogobala kuleli lizwe, ngokuba akukho madlelo emfuyo yezinceku zakho, lokhu indlala ibhokile eKhanani. Ngakho-ke izinceku zakho ziyacela ukuba uzivumele zihlale eGosheni.”


AbaseGibhithe babagqilaza kanzima abantu bakwa-Israyeli,


UNkulunkulu wakuzwa ukububula kwabo, wayesesikhumbula isivumelwano ayesenze no-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe.


Ngehlile ukuzobakhulula esandleni sabaseGibhithe, nokubakhuphula kuleli lizwe, ngibayise ezweni elihle nelibanzi, izwe elichichima ubisi noju, izwe lamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi.


Ngakho-ke hamba, ngiyakuthuma kuFaro ukuba uyokhulula abantu bami eGibhithe, abantu bakwa-Israyeli.”


ngathi ngizonikhuphula ekuhlushweni ngabaseGibhithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, lamaHithi, lama-Amori, lamaPherizi, lamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi noju.” ’


Khumbula ukuthi nawe wawuyisigqila eGibhithe, nokuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; yingakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho wakuyala ukuba ugcine usuku lwesabatha.


USimakade walikhumbula izwi lakhe elingcwele no-Abhrahama, inceku yakhe.


benza impilo yabo yaba muncu ngokubasebenzisa kanzima odakeni nasezitinini, nasemisebenzini yonke emasimini. Babaphatha ngendlakadla enkulu kukho konke ababebenzisa khona.


ukuthi okhokho bethu behlela eGibhithe, sahlala eGibhithe isikhathi eside; abaseGibhithe basiphatha kabi thina nokhokho bethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite