Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 14:18 - IsiZulu 2020

18 UMelkhizedeki, inkosi yaseSalema, owayengumphristi kaNkulunkulu Ophezukonke, wamlethela isinkwa newayini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 UMelkisedeki inkosi yaseSalema waletha isinkwa newayini; wayengumpristi kaNkulunkulu oPhezukonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UMelkisedeki inkosi yaseSalema waletha isinkwa newayini, futhi wayengumpristi kaNkulunkulu oPhezukonke.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 14:18
23 Referans Kwoze  

lapho uJesu eyisigijimi wasandulela wangena khona, sewaba ngumphristi omkhulu kuze kube phakade, ngokokuma kukaMelkhizedeki.


USimakade akayukuguquka, ufunge wagomela wathi: “Wena ungumphrofethi kuze kube phakade ngokukaMelkhizedeki.”


Njengalokhu esho kwenye indawo, ethi: “Wena ungumphristi kuze kube phakade ngokokuma kukaMelkhizedeki.”


Wabizwa nguNkulunkulu ngokuthi ungumphristi omkhulu ngokokuma kukaMelkhizedeki.


Ithabanakeli lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseZiyoni.


Yalandela uPawula kanye nathi, imemeza ithi: “Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, ezimemezela kini indlela yensindiso.”


Ngizokhala kuNkulunkulu oPhezukonke, kuNkulunkulu ongiphindiselelayo.


Ngizokumnika uSimakade izibongo ezifanele ukulunga kwakhe, ngilihubele indumiso igama likaSimakade Ophezukonke.


Waphendula wathi: “USimakade makakubusise, ndodakazi yami. Ekugcineni ukhombise ukwethembeka okukhulu kunasekuqaleni; awuzange ugijimele ezinsizweni ezicebile noma ezimpofu.


Ngakho-ke njengokuba sinethuba, masenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.


“Kepha oPhezukonke akahlali ezindlini ezakhiwe ngezandla, njengokuba esho umphrofethi, ethi:


Ngiyakufika ngiphetheni nje kuSimakade, engiyakukhothama nakho kuNkulunkulu ophezulu na? Ngabe ngiyakufika kuye neminikelo yokushiswa namathole anonyaka na?


Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzifeze izithembiso zakho kuye Ophezukonke,


UDavide wayesethumela izithunywa kubantu baseJabheshi Gileyadi, wathi kubo: “USimakade makanibusise, ngokuba nikhombise isihawu enkosini yenu uSawule, nayingcwaba.


UMelkhizedeki lo, yinkosi yaseSalema, umphristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abhrahama mhla ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa;


newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.


Kanjalo nani niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade, ngakho konke okweshumi kwenu enikwamukela kubantu bakwa-Israyeli; niyakunikela ku-Aroni umphristi, ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade.


ozwileyo amazwi kaNkulunkulu, nowazi ukwazi koPhezukonke, obone umbono ovela kuSomandla, ewele phansi kodwa amehlo akhe engemboziwe, uthi:


Kulapho ayephula khona imicibisholo yomnsalo, isihlangu, inkemba, nempi. Sela


Kwathi nje izwi lisesemlonyeni wenkosi, kwase kwehla ezulwini izwi, lithi: “We nkosi Nebukhadinezari, kukhulunyiwe kuwe kwathiwa: umbuso usukile kuwe;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite