Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 14:17 - IsiZulu 2020

17 U-Abhrama esebuya ekunqobeni uKhedoloma namakhosi ayemelekelela, inkosi yaseSodoma yakhuphuka yamhlangabeza esigodini iShave, okungukuthi yisigodi seNkosi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Emva kokubuya kwakhe ekunqobeni uKedorlawomere namakhosi anaye yaphuma inkosi yaseSodoma, yaya ukumhlangabeza esiGodini saseShave esiyisiGodi seNkosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Inkosi yaseSodoma yaphuma ukumhlangabeza ngemva kokuba isibuyile ekubulaleni uKedorlawomere namakhosi ayenaye, esigodini saseShebe, esiyisigodi samakhosi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 14:17
9 Referans Kwoze  

U-Absalomu esaphila wayethathe insika, wazimisela yona eSigodini seNkosi, ngokuba wathi: “Anginandodana ezovusa igama lami.” Wayiqamba insika ngegama lakhe; isabizwa ngokuthi yisikhumbuzo sika-Absalomu, kuze kube namuhla.


UMelkhizedeki lo, yinkosi yaseSalema, umphristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abhrahama mhla ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa;


Ingcebo ikwenza ube nabangani abaningi, kodwa ompofu ulahlwa nangabangani bakhe.


Ompofu uyazondwa ngisho ngumakhelwane wakhe, kepha ocebileyo uthandwa ngabaningi.


Kwathi lapho befika, uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke kwa-Israyeli, behlabelela besina, beyohlangabeza uSawule, inkosi, ngezigubhu, nangokhehlegume, bethokoza.


UJeftha wabuyela ekhaya eMizpha; mamo, nakho-ke sekuphuma indodakazi yakhe imhlangabeza, iza nezigubhu isina; kwakuyiyona yodwa ingane ayenayo; wayengenandodana nandodakazi ngaphandle kwayo.


Ngalezo zinsuku kwasuka u-Amirafeli inkosi yaseShinari, no-Ariyokhi inkosi yase-Elasa, noKhedoloma inkosi yase-Elamu, noThidali inkosi yezizwe,


okuthe ngonyaka weshu-14, uKhedoloma namakhosi ayebambisene nawo bahlasela amaRefa e-Ashitherothi Karinayimu, amaZuzi eHamu, ama-Emi eShave Kiriyathayimi,


Isigodi iSidimu sasigcwele imigodi yebhithumeni, okwathi lapho amakhosi aseSodoma naseGomora ebaleka, amanye amadoda aphonseka kuyo, amanye athi galo yephuka ephikelele ezintabeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite