Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 14:14 - IsiZulu 2020

14 Kuthe angezwa u-Abhrama ukuthi isihlobo sakhe sithunjiwe, wayesekhipha amadoda angama-318 ayeqeqeshelwe impi, ezalelwe emzini wakhe, wahamba nawo; bayixosha eyesitha baze bayofika kwaDani.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Nxa u-Abrama esezwile ukuthi umzalwane wakhe uLoti uthunjiwe, wabutha izinceku zakhe ezifundisiweyo ebezizelwe endlini yakhe, ezingamakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili, wabaxosha kwaze kwaba kwaDani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 U-Abrama esezwile ukuthi umfowabo ubotshiwe, wawahlomisa amadoda akhe aqeqeshiweyo, azalelwe endlini yakhe, amakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili, wabaxosha kwaze kwaba kwaDan.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 14:14
26 Referans Kwoze  

Bawubiza ngokuthi kukwaDani, bawubiza ngegama likakhokho wabo uDani, owayezalwa ngu-Israyeli; umuzi owawubizwa phambilini ngokuthi yiLayishi.


U-Abhrama waqhubeka wathi: “Njengoba ungincishe umntwana nje, kusobala ukuthi le nceku ezalelwe lapha ekhaya yiyona ezokuba yindlalifa yami.”


Ngathenga izigqila zesilisa nezesifazane, nalezo ezazizalelwe kwami; nganginemfuyo eningi, imihlambi yezinkomo neyezimvu nezimbuzi, kukuningi ukwedlula okukanoma ngubani owangendulelayo eJerusalema.


UMose wakhuphuka emathafeni kwaMowabi, wenyukela entabeni iNebho, esicongweni iPhisiga esiqondene neJerikho. USimakade wamkhombisa lonke izwe lakwaGileyadi kuze kufike kwaDani,


nabo bonke abendlu yakhe, labo ababezalelwe kwakhe, nezigqila ezazithengwe kwabezizwe.


Ezizukulwaneni zonke umntwana ongumfana phakathi kwenu, osenezinsuku eziyisishiyagalombili ezelwe, kufanele asokwe, ngisho nalabo abazalelwe kwakho abangazalwa nguwe, noma ngabe bathengwe ngemali kowezizwe,


Wathatha umkakhe uSarayi, noLothi indodana yomfowabo, nayo yonke impahla ababenayo, nezinceku ababezitholile eHarana, babhekisa amabombo eKhanani. Sebefikile eKhanani,


Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokhu nezwa ukuthi uyeza umphikukhristu; namanje-ke sekukhona abaphika uKhristu abaningi, ngalokho sesiyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina.


Amakhosi ahola izimpi acela empunzini, athi galo yephuka. Abesifazane abasekhaya babelana impango,


Abantu bakwa-Israyeli baphuma kusukela kwaDani kuya eBheri Sheba, nakwaGileyadi, babuthana eMizpha kwaba ngathi ngumuntu munye, phambi kukaSimakade.


“Silalele nkosi yami. Wena ungowasebukhosini bukaNkulunkulu phakathi kwethu. Akekho phakathi kwethu ongenqaba nendawo yokungcwaba umkakho.”


futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”


U-Abhrama wathi kuLothi: “Masingaxabani, ingabi bikho nengxabano phakathi kwabelusi bethu, ngoba thina siyazalana.


UFaro wamphatha kahle u-Abhrama ngenxa yomkakhe, wamxoshisa ngezimvu, izinkomo, izimbongolo, amakameli, izinceku nezincekukazi.


Umngani uyathanda ngezikhathi zonke, kodwa umfowenu wazalelwa ukukuthwalisa ngezikhathi zobunzima.


Amthumba noLothi, indodana yomfowabo ka-Abhrama, owayehlala eSodoma nempahla yakhe bemuka naye.


Wayithola yonke impahla kaLothi, wabuya naye uLothi, isihlobo sakhe, nabanye abantu nabesifazane.


Ngalolo lusuku u-Abhrahama wabiza u-Ishmayeli nazo zonke izinceku ezazizalelwe kwakhe, nazo zonke izigqila ayezithengile, wabasoka, njengalokhu uNkulunkulu ayemyalile.


UBheni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathumela abakhuzi bempi yakhe ukuba bayohlasela imizi yakwa-Israyeli. Wanqoba i-Ijoni, iDani, i-Abhela Bhethi Mahakha, lonke iKhinerothi, nalo lonke izwe lakwaNafethali.


baqoqa wonke amadoda, bahamba bayokulwa no-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, bamthola ngasemanzini amaningi aseGibheyoni.


Akukho namunye owasilela, omncane noma omkhulu, amadodana namadodakazi, impango noma okunye nje ababezithathele khona. UDavide wakubuyisa konke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite