Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 14:12 - IsiZulu 2020

12 Amthumba noLothi, indodana yomfowabo ka-Abhrama, owayehlala eSodoma nempahla yakhe bemuka naye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Bamthatha uLoti indodana yomfowabo ka-Abrama owayehlala eSodoma kanye nempahla yakhe, bamuka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Bamthatha uLoti, indodana yomfowabo ka-Abrama, owayehlala eSodoma, nempahla yakhe, bamuka.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 14:12
13 Referans Kwoze  

Wathatha umkakhe uSarayi, noLothi indodana yomfowabo, nayo yonke impahla ababenayo, nezinceku ababezitholile eHarana, babhekisa amabombo eKhanani. Sebefikile eKhanani,


“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.


Nanku umlando wezizukulwane zikaThera. UThera wazala u-Abhrama, uNahori, noHarana. UHarana wazala uLothi.


Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini, lithi: “Bantu bami, phumani kulo, ukuze ningahlanganyeli ezonweni zalo, futhi ningehlelwa yizinhlupheko zalo.


Uma kwehla inhlekelele ngokuzuma, uyakuhleka ukuphelelwa yithemba kwabangenacala.


Wakhuluma nenhlangano, wathi: “Ngiyaninxusa; dedani emathendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho olungolwabo, funa nibhujiswe ngezono zabo zonke.”


Amakhosi ayiphanga yonke impahla yaseSodoma, neyaseGomora nakho konke ukudla, ahamba nakho.


Kuthe angezwa u-Abhrama ukuthi isihlobo sakhe sithunjiwe, wayesekhipha amadoda angama-318 ayeqeqeshelwe impi, ezalelwe emzini wakhe, wahamba nawo; bayixosha eyesitha baze bayofika kwaDani.


Wayithola yonke impahla kaLothi, wabuya naye uLothi, isihlobo sakhe, nabanye abantu nabesifazane.


UThera wathatha indodana yakhe u-Abhrama noLothi owayezalwa nguHarana, nomalokazana wakwakhe uSarayi owayegane u-Abhrama, bonke base belifulathela i-Uri lamaKhaledi, balibangisa eKhanani. Bafika bahlala eHarana.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite