Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 13:8 - IsiZulu 2020

8 U-Abhrama wathi kuLothi: “Masingaxabani, ingabi bikho nengxabano phakathi kwabelusi bethu, ngoba thina siyazalana.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 U-Abrama wathi kuLoti: “Akungabikho ukuxabana phakathi kwami nawe naphakathi kwabelusi bami nabelusi bakho, ngokuba singabazalwane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UAbrama wasesithi kuLothi: Kakungabi khona ukuxabana phakathi kwami lawe laphakathi kwabelusi bami labelusi bakho; ngoba singabazalwane.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 13:8
30 Referans Kwoze  

Ngakusasa wafica abakubo belwa, wazama ukubalamula, ukuze babuyisane, wathi: ‘Madoda, nina ningabandawonye, pho kungani nilimazana na?’


Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.


ebunkulunkulwini ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando.


Kunalokho yibani nokuthandana okungapheliyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.


Okokugcina yibani nhliziyonye nonke, nizwelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka.


Thandanani ngokujulile ngothando lobuzalwane; nindulelane ekuhloniphaneni,


Kuludumo kumuntu ukuziqhelelanisa nengxabano, kodwa zonke iziwula ziyashesha ukuphikisana.


Impendulo ezothile iyaludambisa ulaka, kodwa izwi elilimazayo libhebhezela intukuthelo.


Wayesebakhipha abafowabo, bangena indlela. Wathi kubo: “Ningaxabani endleleni.”


Bathandekayo, kumele sithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu; bonke abanothando bazelwe nguNkulunkulu, futhi bayamazi uNkulunkulu.


Bahlonipheni bonke, nibathande abazalwane, nesabe uNkulunkulu, futhi niyihloniphe inkosi.


Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, ukuze uthando lwenu lobuzalwane lungabi nakuzenzisa; nithandane ngokuphelele, omunye nomunye, kuqubuka enhliziyweni emhlophe.


Uthando lobuzalwane maluqhubeke njalo.


Phokophelelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho akasoze ayibone iNkosi.


Kepha mayelana nothando lobuzalwane anidingi ukuba nilotshelwe ngalokho, ngokuba nina luqobo nifundisiwe nguNkulunkulu ukuba nithandane.


Kwenzeni konke ngaphandle kokukhononda nokuphikisana,


Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa ngabantwana bakaNkulunkulu.


Umuntu ogcwele ulaka uphehla udweshu, kodwa owephuzayo ukuthukuthela udambisa ingxabano.


Ngakusasa lapho ephuma, nanka amadoda amabili amaHebheru elwa; wayesethi kuleyo ndoda eyayonile: “Umshayelani umfowenu na?”


Awuliboni yini leli lizwe eliphambi kwakho na? Masehlukane-ke. Uma uya enyakatho, mina ngizoya eningizimu. Uma uya eningizimu, mina ngizoya enyakatho.”


Niyothi: ‘Izinceku zakho selokhu kwathi nhlo zingabantu bemfuyo, thina nawobaba,’ ukuze anivumele nihlale eGosheni, ngokuba kwabaseGibhithe abelusi bayanengeka.”


Kuthe angezwa u-Abhrama ukuthi isihlobo sakhe sithunjiwe, wayesekhipha amadoda angama-318 ayeqeqeshelwe impi, ezalelwe emzini wakhe, wahamba nawo; bayixosha eyesitha baze bayofika kwaDani.


Kwathi lapho uGali, indodana ka-Ebhedi, ethuthela eShekhemi nezihlobo zakhe, izakhamuzi zaseShekhemi zethembela kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite