Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 13:4 - IsiZulu 2020

4 nalapho wayekade akhe khona i-althare. Wakhuleka egameni likaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 indawo ye-altare abelenzile khona kuqala; u-Abrama wakhuleka lapho egameni likaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 endaweni ye-altare alenza khona kuqala; u-Abrama wakhuleka lapho eGameni leNkosi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 13:4
21 Referans Kwoze  

Niyakungibiza, nize nikhuleke kimi, ngiyakunizwa.


Khona uyakumemeza, kusabele uSimakade; uyakukhala, bese ethi: ‘Bheka, ngilapha.’ “Uma ususa ijoka phakathi kwenu, ukukhombana ngeminwe, nokukhuluma kabi,


“ ‘Ngokuba ngaleso sikhathi ngiyakunika abantu izindebe zomlomo ezihlanzekileyo, ukuze bonke babize igama likaSimakade, bamkhonze bemunye.


Ngokuba ubeke indlebe yakhe kimi, ngizokhuleka kuye ngisaphila.


ngibhalela ibandla likaNkulunkulu eliseKhorinte, kwabangcwelisiwe kuKhristu uJesu, ababiziweyo ukuba babe ngcwele. Ngibhalela nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Khristu ezindaweni zonke abakuzo:


USimakade useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambiza ngeqiniso.


Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga, ngibize igama likaSimakade.


Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.


Bongani uSimakade ngokuba muhle, umusa wakhe umi ingunaphakade.


Ngokuba usuku lulunye emagcekeni akho, luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami, kunokuhlala emathendeni ezikhohlakali.


Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.


Simakade, ngiyithanda kakhulu indlu ohlala kuyo, nendawo lapho kuhlala khona inkazimulo yakho.


U-Abhrama wayesesusa ithende lakhe, wahamba, wafike wahlala eduze kwezihlahla ezinkulu zemi-okhi eMamre, eHebhroni, wayesemakhela khona uSimakade i-althare.


USethi naye wazibula ngendodana wayiqamba ngokuthi ngu-Enoshe. Baqala lapho-ke abantu ukukhuleka egameni likaSimakade.


U-Isaka wayesakha i-althare lapho, wakhuleka egameni leNkosi, wagxumeka ithende lakhe, izinceku zakhe zamba umthombo lapho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite