Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 13:13 - IsiZulu 2020

13 Abantu baseSodoma babonakele kakhulu, benza inkohlakalo yodwa phambi kukaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kepha abantu baseSodoma babebabi, bengabonayo kakhulu phambi kukaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kodwa abantu baseSodoma babebabi kakhulu futhi beyizoni kakhulu phambi kukaJehova.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 13:13
27 Referans Kwoze  

ikakhulu labo abenza izinto ezixakile behudulwa yizinkanuko zabo ezimbi futhi bedelela nabasemagunyeni. Banesibindi futhi bangabaphikeleli abangesabi ukuhleba abenkazimulo,


NjengeSodoma neGomora nemizi eyakhelene nayo, yenza ubufebe ngokufanayo, yalandela ubufebe obuxakile. Bayisibonelo sokubhujiswa ngomlilo ongunaphakade.


Kanjalo nabesilisa, bayeka ukwenza kwemvelo kowesifazane, basha ukukhanukelana bodwa. Abesilisa benza okuyichilo kwabesilisa, bazitholela umvuzo ofanele ukuduka kwabo.


“Ukhona yini ongacasha ezindaweni ezisithekileyo ukuze ngingamboni na?” kusho uSimakade. “Angiligcwalisi yini izulu nomhlaba na?” kusho uSimakade.


Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.


Ngakho-ke hambani nifunde ukuthi kusho ukuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukuzobiza abalungileyo, kodwa izoni.”


USimakade wamtshela u-Abhrahama wathi: “Isikhalo ngeSodoma neGomora sesisikhulu kakhulu, nezono zabo zimbi kakhulu.


Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazilaleli izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, enza intando yakhe, uyamlalela lowo.


Kwathi uJesu ehleli esidlweni endlini, kwase kufika abathelisi abaningi nezoni, bahlala, badla naye nabafundi bakhe.


Ukuba uSimakade Wamabandla ubengasishiyelanga insali, besiyakufana neSodoma, sibe njengeGomora.


Wadabulisa indodana yakhe emlilweni, wahlola imihlola, wabhula, wavumela abanamadlozi nabathakathi. Wenza okubi okuningi phambi kukaSimakade, wachukuluza ulaka lwakhe.


USimakade wakuthuma wakuyala, wathi: ‘Hamba uyobhubhisa izoni, ama-Amaleki, ulwe nawo uze uwaqede nya.’


U-Eri, izibulo likaJuda, wayemubi phambi kukaSimakade, ngakho-ke uSimakade wambulala.


Kuyothi isizukulwane sakho sesine sibuyele kule ndawo, ngokuba ukona kwama-Amori akukapheleliswa.”


Wayeyiphisi elinamandla phambi kukaSimakade. Yingakho kunesisho esithi: “Kuhle kukaNimrodi iphisi elinamandla phambi kukaSimakade.”


Umhlaba wase wonakele kakhulu phambi kukaNkulunkulu, ugcwele ubudlova.


Bayibiza ngokwesibili le ndoda ebiyimpumputhe, bathi kuyo: “Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lo muntu uyisoni.”


Akamkhulu kule ndlu kunami, futhi akukho angigodlele khona ngaphandle kwakho, ngenxa yokuba ungumkakhe. Ngingakwenza kanjani-ke okubi kangaka, ngone kuNkulunkulu na?”


“Kepha uma ningeyukwenza kanjalo, niyobe nonile kuSimakade, futhi yazini ukuthi niyoba nesono.


Isikhalo ngalo muzi sesisikhulu phambi kukaSimakade. Ngalokho usithumile ukuba sizowubhubhisa.”


Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaSimakade, ngoba bawedelela umnikelo kaSimakade.


Ngibone into embi kubaphrofethi baseJerusalema; bayaphinga, bahamba ngobuqili, bakhuthaza abenza okubi ukuze kungaphenduki muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi, nezakhamuzi zakhona zinjengeGomora.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite