Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 13:12 - IsiZulu 2020

12 U-Abhrama wayesehlala eKhanani, uLothi wahlala phakathi kwemizi esethafeni, wagxumeka ithende lakhe eduze komuzi iSodoma.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 U-Abrama wahlala ezweni laseKhanani; uLoti wahlala emizini yasethafeni, wamisa itende lakhe ngaseSodoma.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 U-Abrama wahlala ezweni laseKhanani, uLoti wahlala emizini yasethafeni, wamisa itende lakhe ngaseSodoma.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 13:12
10 Referans Kwoze  

Ngesikhathi uNkulunkulu ebhubhisa imizi eyayisethafeni wamkhumbula u-Abhrahama, wangambhubhisa uLothi naleyo mizi ayekade ehlala kuyo.


Izingelosi ezimbili zafinyelela eSodoma kusihlwa; uLothi wayehlezi esangweni eSodoma. Uthe angazibona, wasukuma, wazihlangabeza, wathi mbo ngobuso emhlabathini.


Amthumba noLothi, indodana yomfowabo ka-Abhrama, owayehlala eSodoma nempahla yakhe bemuka naye.


Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.


Ngiyawuzonda umgwamanda wabenza okubi, futhi ngeke ngihlale nezikhohlakali.


USimakade wayibhubhisa kanjalo-ke leyo mizi nesifunda sonke, nabo bonke ababakhe kuyo, nokumile emhlabathini.


ULothi wazikhethela lonke ithafa eliseJordani, wayeselibhekisa ngasempumalanga. Ehlukana kanjalo-ke lawa madoda amabili.


ahlasela uBhera inkosi yaseSodoma, noBhisha inkosi yaseGomora, noShinaba inkosi yase-Adima, noShemebha inkosi yaseZebhoyimu, nenkosi yaseBhela okuyiZowari.


USimakade wehlisela ikloba lomlilo wesibabule njengemvula phezu kweSodoma neGomora, livela ezulwini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite