Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 11:7 - IsiZulu 2020

7 Wozani sehle, siphambanise ulimi lwabo, khona bezogcina bengasezwani ukuthi omunye uthini komunye.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wozani sehle, siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani, kube yilowo nalowo ulimi lomunye.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ake sehle lapho, siphambanise ulimi lwabo, ukuze bangezwani inkulumo yomunye.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 11:7
20 Referans Kwoze  

USimakade ushafisa icebo labezizwe, afojise amacebo ezizwe.


Bahlakaze, Nkosi, uphithanise ulimi lwabo, ngokuba ngibone ubudlova nengxabano emzini.


UNkulunkulu wayesethi: “Masenze abantu babe ngumfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, izinyoni zezulu, izilwane ezifuywayo, nomhlaba wonke, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo.”


Ngakho-ke uma ibandla lihlangene ndawonye, bonke bakhulume ngezilimi, bese kungena abangenalwazi noma abangakholwa, abazukusho yini ukuthi niyahlanya na?


Ngizakwehlisela kini, nina ndlu ka-Israyeli, isizwe esivela kude,” kusho uSimakade; “yisizwe esinamandla, isizwe esidala, isizwe ongalwazi ulimi lwaso, nongakuqondi esikushoyo.


Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyababhuqa.


Uyazithulisa izindebe zabathembekileyo, aphuce amalunga ukuqonda.


“USimakade uyothumela kuwe isizwe esivela kude ekugcineni komhlaba, esihlwitha njengokhozi. Kuyoba yisizwe ongayukuluqonda ulimi lwaso,


Ngabuye ngezwa izwi leNkosi lithi: “Ngiyothuma bani, ngubani oyosiyela na?” Ngase ngithi: “Bheka, nangu mina; thuma mina.”


Babengazi ukuthi uJosefa uyabezwa ngenxa yokuba kwakukhona ohumushayo phakathi kwabo.


USimakade wehla ukuzobona umuzi nombhoshongo owawakhiwe ngabantu.


Yilawa amadodana kaHamu ngokwemindeni nangezilimi, emazweni nasezizweni zawo:


USimakade uNkulunkulu wathi: “Bhekani, umuntu usefana nathi, useyakwazi okuhle nokubi. Akanqandwe ukuba angalokothi adle isithelo somuthi wokuphila, bese ephila ingunaphakade.”


Yileyo-ke imindeni yamadodana kaNowa ngokozalo lwawo nangokwezizwe zawo. Kuwo kwavela izizwe ezasabalala nomhlaba wonke emveni kukazamcolo.


Kulaba kwadabuka izizwe ezisemazweni agudle ulwandle, zehlukana ngolimi, ngemindeni, nangezizwe.


USimakade wathi kuye: “Ngubani owenza umlomo womuntu na? Ngubani owenza isimungulu nesithulu, obonayo noyimpumputhe na? AkusiMina Simakade na?


Awusayukubuye uzibone izidlova, abantu abakhuluma okungaqondakali nokungezwakali, abalulimi lukwitiza kungekho ongaluqonda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite