Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 11:6 - IsiZulu 2020

6 Wathi: “Bheka, laba bantu basizwe sinye, bakhuluma lulimi lunye. Lokhu kuseyisiqalo nje sezinto abazozenza. Manje sebezokwenza noma yini abazimisele ukuyenza.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UJehova wathi: “Bheka, bonke basizwe sinye nolimi lunye; yikho abaqala ngakho; manje abayikunqanyulelwa lutho abahlosa ukulwenza.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Futhi iNkosi yathi: Bheka, abantu bamunye, futhi bonke banolimi olulodwa; futhi lokhu baqala ukukwenza, futhi manje akukho lutho oluyofihlwa kubo ababecabanga ukukwenza.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 11:6
12 Referans Kwoze  

USimakade uNkulunkulu wathi: “Bhekani, umuntu usefana nathi, useyakwazi okuhle nokubi. Akanqandwe ukuba angalokothi adle isithelo somuthi wokuphila, bese ephila ingunaphakade.”


Emhlabeni wonke abantu babekhuluma lulimi lunye.


Wenzile amandla ngengalo yakhe; uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo.


Jabula nsizwa ebusheni bakho, inhliziyo yakho ayikujabulise ezinsukwini zobusha bakho. Landela izindlela zenhliziyo yakho, nakho konke okubonwa ngamehlo akho, kodwa khumbula ukuthi uNkulunkulu uzokwehlulela ngazo zonke lezo zinto.


USimakade wabona ukuthi ububi babantu sebubukhulu emhlabeni nokuthi izizindlo zezinhliziyo zabo zihlala zizimbi njalo,


Iphunga lalowo mnikelo lamthokozisa uSimakade, wayesethi enhliziyweni yakhe: “Umhlaba angisayukuphinde ngiwuqalekise ngenxa yabantu. Umuntu vele unemicabango emibi kusukela ebuncaneni bakhe. Ngeke ngiphinde ngikubhubhise ngozamcolo konke okuphilayo njengalokhu ngenzile.


Kulawa madodana kaNowa amathathu kwavela kuwo abantu abasabalala nomhlaba wonke.


Wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bomhlaba, wamisa izinkathi ezinqunyiweyo nemingcele yokuhlala kwazo,


Hambani niyokhala konkulunkulu enizikhethele bona; mabanikhulule ngezikhathi zobunzima benu.”


Kwathi emini u-Eliya wabachomela, ethi: “Memezani ngezwi elikhulu; noma engunkulunkulu, mhlawumbe uyazindla, noma uthathe uhambo, noma ulele, udinga ukuvuswa.”


“Nganigodlela futhi nemvula, kusasele izinyanga ezintathu kuvunwe; ngayidedela komunye umuzi; ngangalinisa komunye, ngayidedela kwesinye isiqephu sezwe, ngangalinisa kwesinye isiqephu, kwathi isiqephu engananga kuso sasha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite