Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 10:5 - IsiZulu 2020

5 Kulaba kwadabuka izizwe ezisemazweni agudle ulwandle, zehlukana ngolimi, ngemindeni, nangezizwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kuvela kulabo iziqhingi zabezizwe zahlukaniselwa amazwe abo, kwaba yilelo nalelo ngolimi lwalo, nangemindeni yalo, nangezizwe zalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngalokhu iziqhingi zabeZizwe zahlukaniselwa amazwe abo; yilowo nalowo ngokolimi lwakhe, ngemindeni yabo, ngokwezizwe zabo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 10:5
26 Referans Kwoze  

USimakade uyakwesabeka kubo, ngokuba uyakushabalalisa bonke onkulunkulu bomhlaba. Bayakukhuleka kuye, kube yilowo nalowo esendaweni yakhe, kuzo zonke iziqhingi zezizwe.


Welelani eziqhingini eKhithimi, nibone, thumelani eKhedari, niqonde kahle, nibone ukuthi yake yenzeka yini into enjengalena na?


wonke amakhosi aseThire, wonke amakhosi aseSidoni, amakhosi aseziqhingini ezingaphesheya kolwandle;


Akayukudangala, aphele amandla, aze amise ubulungiswa emhlabeni; neziqhingi ziyolindela ukuyala kwakhe.”


Yilawa amadodana kaHamu ngokwemindeni nangezilimi, emazweni nasezizweni zawo:


Iziqhingi ziyakungilindela, imikhumbi yaseTharishishi iyoba ngeyokuqala ukuletha amadodana akho evela kude, ephethe isiliva negolide lawo, ekulethe egameni likaSimakade uNkulunkulu wakho, nakoNgcwele ka-Israyeli, okudumisile.


Uyoziphindiselela kubo njengokwezenzo zabo, ulaka ezitheni zakhe, nenkokhelo efanele kwabamelene naye, nabaseziqhingini bayothola inkokhelo efanele izenzo zazo.


Ukulunga kwami sekusondele, insindiso yami isiphumile, izingalo zami ziyokwehlulela izizwe; iziqhingi ziyongilindela zethembele engalweni yami.


Ngilaleleni nina ziqhingi, niqaphele nina bantu abakude; uSimakade ungibizile kwasesibelethweni, wangiqamba igama kwasesiswini sikamame.


Mhubeleni uSimakade ihubo elisha, indumiso yakhe kusukela emikhawulweni yomhlaba, nina enehlela olwandle nakho konke okukulo, nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.


Iziqhingi zibonile, ziyesaba; imikhawulo yomhlaba iyathuthumela, iyasondela, futhi isifikile.


Impela, izizwe zinjengethonsi esitsheni, zifana nothuli esikalini; uyakuphakamisa iziqhingi njengothuli olucolisekileyo.


Ngakho-ke empumalanga mdumiseni uSimakade, emazweni asogwini likhazimuliseni igama likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Amakhosi aseTharishishi nawaseziqhingini ayakuletha izipho. Amakhosi aseShebha naseSebha ayoletha izipho.


U-Ebhere wazala amadodana amabili. Enye yawo kwakuthiwa nguPhelegi, ngoba ngesikhathi sakhe izwe ladatshulwa izifunda. Enye kwakuthiwa uJokithani.


Amadodana kaJavani kwakungu-Elisha, uTharishishi, uKhithimi, noDodanimi.


Amadodana kaHamu kwakunguKhushe, uMizirayimi, uPhuthi, noKhanani.


“Isho kanje iNkosi uSimakade kulo iThire, ithi: ‘Iziqhingi aziyukuzamazama yini ngenxa yomsindo wokuwa kwakho, lapho abanamanxeba bebubula, nabafayo bebulawelwa kuwe na?


Manje iziqhingi ziyazamazama ngosuku lokuwa kwakho; ziyazamazama iziqhingi ezisolwandle ngokubhubha kwakho.” ’ ”


Uyakuphendulela ubuso bakhe eziqhingini, adle eziningi, kepha isikhulu siyakuqeda ihlazo elenziwa nguye, futhi sibuyisele ihlazo lakhe kuye.


Kulawa madodana kaNowa amathathu kwavela kuwo abantu abasabalala nomhlaba wonke.


Yileyo-ke imindeni yamadodana kaNowa ngokozalo lwawo nangokwezizwe zawo. Kuwo kwavela izizwe ezasabalala nomhlaba wonke emveni kukazamcolo.


OPhezukonke lapho abela izizwe ifa lazo, lapho ehlukanisela abantwana babantu, wamisa imingcele yezizwe ngokwenani labantu bakwa-Israyeli.


Inkosi u-Ahasheveroshi yathelisa intela izwe nababeseziqhingini zolwandle.


Kuyothi ngalolo lusuku, iNkosi ibuye yelule isandla sayo okwesibili ukubutha insali yabantu bayo e-Asiriya, eGibhithe, ePhathirosi, eKhushe, e-Elamu, eShineyari, eHamathi, naseziqhingini ezisolwandle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite