Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 10:4 - IsiZulu 2020

4 Amadodana kaJavani kwakungu-Elisha, uTharishishi, uKhithimi, noDodanimi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Amadodana kaJavani: ngo-Elisha, noTharishishi, noKitimi, noDodanimi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Amadodana kaJavani; u-Elisha noTharishishi, amaKitimi namaDodani.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 10:4
10 Referans Kwoze  

Imikhumbi yaseKhithimi iyakuyisukela, bese idabuka, ibuye ithukuthelele isivumelwano esingcwele, ifeze; iyakubuya, inake abasishiyile isivumelwano esingcwele.


Wathi: “Awusayukujabula wena ntombi ethelwe ngehlazo, ndodakazi yaseSidoni; vuka, uwelele eKhithimi, nalapho awuyukukuthola ukuphumula.”


Isiphrofetho ngeThire. Lilani Mikhumbi yaseTharishishi, ngokuba indlu yenu ishatshalalisiwe, nokungena kwayo ivela eKhithimi kwambuliwe.


Kuyakuvela imikhumbi eKhithimi eyakuhlupha u-Ashuri no-Ebhere, nabo bagcine ngokubhujiswa.”


“ ‘Imikhumbi yaseTharishishi yayikuthwalela impahla yakho. Wathwaliswa imithwalo, wanyinyitheka kakhulu ekujuleni kolwandle.


“ ‘ITharishishi lalihwebelana nawe ngenxa yobuningi bayo yonke ingcebo yakho; behwebelana nawe ngesiliva, ngensimbi, ngethini nangomthofu.


Kulaba kwadabuka izizwe ezisemazweni agudle ulwandle, zehlukana ngolimi, ngemindeni, nangezizwe.


Amadodana kaJavani: ngu-Elisha, uTharishishi, uKhithimi noRodanimi.


Ngemi-okhi yaseBhashani benzile izigwedlo zakho; indawo yakho okuhanjwa kuyo bayenze ngomsayiphuresi ovela eziqhingini eKhithimi, bayihlobisa ngophondo lwendlovu.


Ilineni elicolekileyo nelifekethisiweyo elivela eGibhithe, lalinguseyili wakho nebhanela lakho; umpheme wakho wenziwe ngokuluhlaza nokubukhwebezane, uvela eziqhingini e-Elisha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite