Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 10:10 - IsiZulu 2020

10 Waqala ukubusa eBhabhele, e-Erekhi, e-Akhadi naseKhaline eShinari.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ukubusa kwakhe kwaqala eBabele, nase-Ereke, nase-Akade, naseKaline, ezweni laseShineyari.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ukuqala kombuso wakhe kwakuyiBabele, ne-Ereki, ne-Akadi, neKaline ezweni laseShineyari.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 10:10
16 Referans Kwoze  

Lowo muzi wabizwa ngokuthi yiBhabhele, ngokuba kulapho uSimakade aphambanisa khona ulimi lomhlaba wonke, wayesebahlakaza bagcwala umhlaba wonke.


Basuka empumalanga baze bayofika emathafeni eShinari, bahlala khona.


Yobayoba ezinhlungwini, uzale, ndodakazi yaseZiyoni, njengowesifazane obelethayo, ngokuba manje uyakuphuma uphele kulo muzi, uyakuhlala endle, uye naseBhabhele, kulapho uyakukhululwa khona; uSimakade uyakukuhlenga esandleni sezitha zakho.”


Ngalezo zinsuku kwasuka u-Amirafeli inkosi yaseShinari, no-Ariyokhi inkosi yase-Elasa, noKhedoloma inkosi yase-Elamu, noThidali inkosi yezizwe,


Yangiphendula yathi: “Bayakulakhela indlu eShineyari. Iyakulungiswa, bese libekwa khona endaweni yalo.”


Bayakubusa i-Asiriya ngenkemba, nezwe lakwaNimrode ngezintuba zalo, Uyakusihlenga e-Asiriya, lapho litheleka ezweni lethu, nalapho linyathela emingceleni yethu.


Dlulelani eKhaline, nibone; nisuke lapho niye eHamathi elikhulu, bese nehlela eGathi lamaFilisti. Bangcono yini kunale mibuso na? Ngabe izwe labo likhulu yini kunelenu na?


“Hlasela izwe eMerathayimi, nalabo abakhileyo ePhekodi, babulale, ubaqede nya, ungashiyi lutho, ukwenze konke engikuyale ngakho,” kusho uSimakade.


Ngalesi sikhathi uMerodaki Bhaladani, indodana kaBhaladani inkosi yaseBhabhele, wathumela izithunywa kuHezekiya ziphethe izincwadi nesipho, ngokuba wayezwile ukuthi uHezekiya kade egula kodwa useluleme.


Kuyothi ngalolo lusuku, iNkosi ibuye yelule isandla sayo okwesibili ukubutha insali yabantu bayo e-Asiriya, eGibhithe, ePhathirosi, eKhushe, e-Elamu, eShineyari, eHamathi, naseziqhingini ezisolwandle.


IKhalino alinjengeKharikhemishi na? IHamathi alinjenge-Ariphadi na? ISamariya alinjengeDamaseku na?


INkosi uNkulunkulu yanikela esandleni sakhe uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nengxenye yezitsha zasendlini kaNkulunkulu, waziyisa eShineyari endlini kankulunkulu wakhe; izitsha wazibeka endlini yengcebo kankulunkulu wakhe.


Wayeyiphisi elinamandla phambi kukaSimakade. Yingakho kunesisho esithi: “Kuhle kukaNimrodi iphisi elinamandla phambi kukaSimakade.”


“Ake usibuzele kuSimakade, ngokuba uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, usihlasele. Mhlawumbe uSimakade angasenzela njengakuzo zonke izimangaliso zakhe ukuba akhuphuke, ayeke ukumelana nathi.”


Izwi uSimakade alikhuluma ngeBhabhele, nangezwe lamaKhaledi, ngomlomo kaJeremiya, umphrofethi, lithi:


“ ‘AbaseHarana, abaseKhane abase-Edene, abaseShebha, abase-Asiriya nabaseKilimadi babehwebelana nawe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite