Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 1:8 - IsiZulu 2020

8 UNkulunkulu wawuqamba umkhathi ngokuthi yisibhakabhaka. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesibili.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UNkulunkulu wabiza umkhathi ngokuthi izulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesibili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UNkulunkulu wabiza umkhathi, futhi kwaba kusihlwa, futhi kusasa, usuku lwesibili.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 1:8
11 Referans Kwoze  

UNkulunkulu wakubiza ukukhanya ngokuthi yimini, ubumnyama wabubiza ngokuthi wubusuku. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lokuqala.


Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesine.


UNkulunkulu wakubona konke ayekudalile ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithupha.


Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesihlanu.


Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithathu.


UNkulunkulu wawubiza umhlabathi owomileyo ngokuthi ngumhlaba, amanzi aqoqeleke ndawonye wawabiza ngokuthi wulwandle. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle.


Wadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, wababiza ngokuthi ngabantu ngosuku abadala ngalo.


UNkulunkulu wenza umkhathi wokwehlukanisa amanzi aphansi kwawo naphezu kwawo. Kwaba njalo.


UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwesibhakabhaka mawaqoqeleke ndawonye, kuvele umhlabathi owomileyo.” Kwaba njalo.


owenze izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Isiphrofetho. Izwi likaSimakade ngo-Israyeli. USimakade wendlale izulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu ezibili zakhe, uthi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite