Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 1:5 - IsiZulu 2020

5 UNkulunkulu wakubiza ukukhanya ngokuthi yimini, ubumnyama wabubiza ngokuthi wubusuku. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lokuqala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi imini; ubumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lokuqala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi yiMini, nobumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba sebusuku, kwaba ngukusa. Kwakuwusuku lokuqala.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 1:5
16 Referans Kwoze  

Usuku lungolwakho, nobusuku bungobakho; nguWena owenza ukukhanya nelanga.


yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidale inhlekelele; nginguSimakade owenza konke lokho.


ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, nabantwana bemini; asisibo abobusuku noma abobumnyama.


Ubumnyama wenza ukuba bube wubusuku, phakathi kwabo izilo zonke zasehlathini ziyaphuma.


“Inqobo nje uma umhlaba usekhona, kuyotshalwa kuvunwe, kube makhaza kushise, kube yihlobo nobusika, imini nobusuku, lokhu akuyukunqamuka.”


Usuku lwedlulisela kolunye usuku ulwazi, nobusuku butshela obunye ngalolo lwazi.


“Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Uma ningasephula isivumelwano sami nemini, nesivumelwano sami nobusuku, kungabe kusaba bikho mini nabusuku ngesikhathi sakho,


kepha konke okubonakaliswa ngukukhanya kuyabonakala,


umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala, ngokuba usuku luyakuwudalula. Ngokuba lokho kuyakwambulwa ngomlilo, nokuthi umsebenzi womuntu ngamunye unjani. Umlilo luqobo uyakukuvivinya lokho.


UNkulunkulu wawuqamba umkhathi ngokuthi yisibhakabhaka. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesibili.


UNkulunkulu wakubona konke ayekudalile ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithupha.


Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesihlanu.


Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesine.


Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithathu.


Inhlangano yonke yabona ukuthi u-Aroni ufile, yamlilela izinsuku ezingama-30, yonke indlu yakwa-Israyeli.


Abakhile emikhawulweni yomhlaba bayesaba ngezibonakaliso zakho, ujabulisa impumalanga nentshonalanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite