Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 1:31 - IsiZulu 2020

31 UNkulunkulu wakubona konke ayekudalile ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithupha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithupha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 UNkulunkulu wabheka konke akwenzileyo, wabona ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwaba kusasa, usuku lwesithupha.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 1:31
21 Referans Kwoze  

Ngokuba konke okudalwe nguNkulunkulu kuhle; akukho nakunye okumele kulahlwe, uma kwamukelwa ngokubonga,


Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.


ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uSimakade wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa, ngalokho uSimakade walubusisa usuku lwesabatha, walwehlukanisela ukuba lube ngcwele.


Inkamulo kaSimakade mayime kuze kube phakade; uSimakade makathokoze ngemisebenzi yakhe,


Ngabe okuhle nokubi akwenzeki yini ngokuyala koPhezukonke na?


lapho izinkanyezi zokusa zihlabelela kanyekanye, nawo wonke amadodana kaNkulunkulu ejabula na?


Kuthe ngosuku lwesikhombisa uNkulunkulu esewuqedile wonke umsebenzi ayewenza, wayesephumula.


Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesihlanu.


UNkulunkulu wawuqamba umkhathi ngokuthi yisibhakabhaka. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesibili.


UNkulunkulu wakubiza ukukhanya ngokuthi yimini, ubumnyama wabubiza ngokuthi wubusuku. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lokuqala.


Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesine.


Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithathu.


ngokuba kungcweliswa ngezwi likaNkulunkulu nomkhuleko.


Liwuphawu lwaphakade phakathi kwami nabantu bakwa-Israyeli, lokuthi uSimakade wadala izulu nomhlaba ngezinsuku eziyisithupha, kwathi ngosuku lwesikhombisa waphumula, wahlumeleleka.’ ”


Uyazinika ukudla, zikubuthe; uvula isandla sakho, zisuthe ngokuhle.


Umuhle Wena, futhi wenza okuhle; ngifundise izimiso zakho.


USimakade unenjongo ngakho konke akwenzayo, yebo, nomubi umenzele usuku lokuhlupheka.


Konke ukwenze kwafanela isikhathi sakho, ngaphezu kwalokho wabeka ukulangazelela iphakade ezinhliziyweni zabantu, kodwa abakwazi ukuyazi imisebenzi kaNkulunkulu kusukela ekuqaleni kwayo kuze kube sekugcineni kwayo.


Ngakho-ke uNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa, ngokuba ngalo uNkulunkulu waphumula kuwo wonke umsebenzi ayesewudalile, wawenza.


“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokwethembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho Yena.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite