Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 1:3 - IsiZulu 2020

3 UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya.” Kwaba khona ukukhanya.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya,” kwaba khona ukukhanya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UNkulunkulu wathi: Makube khona ukukhanya, futhi kwaba khona ukukhanya.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 1:3
22 Referans Kwoze  

Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.


Ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwazanga ukukucima.


yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidale inhlekelele; nginguSimakade owenza konke lokho.


Ilanga alisayukuba ngukukhanya kuwe emini, nenyanga ayisayukukukhanyisela ngokukhazimula ebusuku; uSimakade uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.


Nanti izwi esalizwa kuye, sinishumayeza lona, ukuthi uNkulunkulu ungukukhanya, abukho nakanye ubumnyama kuye.


Ngokuba kade ningubumnyama, kodwa manje seningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya,


Kwakungukukhanya kweqiniso, okukhanyisa bonke abantu, okwase kuza ezweni.


Yilesi isehlulelo ukuthi ukukhanya kufikile emhlabeni, kodwa abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngoba imisebenzi yabo imibi.


Ngezwi nangomoya womlomo kaSimakade, kwadalwa amazulu namabandla wonke.


Konke makudumise igama likaSimakade, ngokuba nguYena owayaleza, kwadaleka.


Ukukhanya kukhanyisela olungileyo, nokujabula kwabanhliziyo ziqotho.


Ngokuba wakhuluma, kwaba khona, wayaleza, kwama, kwagxila.


Nginibhalela futhi umyalo omusha, oyiqiniso kuye nakini, ngokuba ubumnyama buyedlula nokukhanya kweqiniso sekuvele kuyakhanya.


ngokuba konke okubonakalayo kungukukhanya. Ngalokho kuthiwa: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKhristu uzakukukhanyisa.”


wembethe ukukhanya njengengubo, weneka izulu njengendwangu.


“Iphi indlela eya lapho kuhlala khona ukukhanya, nobumnyama na? iphi indawo yabo,


Nguye kuphela ongafiyo, ohlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongakaze abonwe muntu, futhi ongebonwe. Makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.


USimakade unguNkulunkulu, usikhanyisele, hlobisani umkhosi ngamahlamvu, kuze kube sezimpondweni ze-althare.


Umbani wakhe uyawusabalalisa umzungeze, amboze izisekelo zolwandle.


Esekushilo lokho, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Lazaru, phuma.”


UJesu welula isandla sakhe, wamthinta, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Wayesehlambuluka ngokushesha ochokweni lwakhe.


Nanku umlando wokudalwa kwezulu nomhlaba, lapho uSimakade uNkulunkulu ekwenza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite