Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 1:29 - IsiZulu 2020

29 UNkulunkulu wathi: “Bhekani, ngininika izinhlobo zonke zezitshalo ezithela imbewu ezimila emhlabeni wonke, nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ukuba nikudle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 UNkulunkulu wathi: “Bhekani, ngiyaninika yonke imifino ethela imbewu, esemhlabeni wonke, nemithi yonke okukuyo izithelo zomuthi oveza imbewu, kube ngukudla kwenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 UNkulunkulu wathi: Bhekani, ngiyaninika zonke izimila ezithela imbewu, ezisemhlabeni wonke, nemithi yonke ethela izithelo ethela imbewu; kufanele kube ngukudla kini.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 1:29
22 Referans Kwoze  

Zonke izilwane eziphilayo, ziyokuba ngukudla kwenu, njengoba nganinika imifino, sengininika konke.


Umhlaba ungokaSimakade nakho konke okukuwo, izwe nabakhileyo kulo,


‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokhu izimbongi ezithile zakini zishilo zathi: “ ‘Ngokuba futhi sibozalo lwakhe.’


Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle; waninika imvula yasezulwini ngezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokunjalo.”


Unika izinkomo ukudla kwazo, namazinyane egwababa akhalayo.


opha bonke abantu ukudla, ngokuba umusa wakhe umi phakade.


siphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla;


Ngokuba ngalokho ubusa abantu, abaphe ukudla okuningi.


USimakade uNkulunkulu wamyala umuntu wathi: “Ungazidla izithelo zanoma yimuphi umuthi osensimini,


Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho.


Kepha ubengazi ukuthi yiMina obemhlinzeka ngokusanhlamvu, ngewayini elisha, ngesiliva, ngamandisela negolide, abakusebenzisa kuBhali.


yena uyohlala endaweni ephakemeyo, imigede emaweni iyoba yizinqaba zakhe, uyophiwa isinkwa, ahlale njalo ethola amanzi.


Obenzela ubulungiswa abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla, uSimakade uyazikhulula iziboshwa.


Izulu lingelikaSimakade, kepha umhlaba wawabela abantwana babantu.


Abamesabayo ubapha ukudla, isivumelwano sakhe usikhumbula njalo.


Benqabela ukuganana, bethi akuzilwe ukudla okwadalwa nguNkulunkulu ukuba kwamukelwe, ngokubonga yibo bonke abakholwayo nabalaziyo iqiniso.


Zithathele lonke uhlobo lokudla ukulondoloze, ukuze kube ngukudla kwenu nokwazo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite