Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 1:27 - IsiZulu 2020

27 UNkulunkulu wamdala umuntu waba ngumfanekiso wakhe, wamenza ukuba afuze Yena, wabadala owesilisa nowesifazane,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 1:27
20 Referans Kwoze  

Waphendula, wathi kubo: “Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane,


Thina singumsebenzi wakhe, sidalelwe imisebenzi emihle kuKhristu uJesu, uNkulunkulu ayilungisela phambilini ukuba sihambe ngayo.


Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa, uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane.


nokuba nembathe umuntu omusha odalwe ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.


Ngiyakukubonga ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa, umphefumulo wami ukwazi kahle.


yilowo nalowo obizwa ngeGama lami, engimdalele udumo lwami, ngambumba, futhi ngamenza.”


Yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongabonwayo, iyizibulo lakho konke okudaliweyo,


“Kanti uSimakade akabenzanga yini baba nyamanye na? Emoyeni nasenyameni bangabakhe. Kungani babe munye na? Wayefuna ulibo olunobuNkulunkulu. Ngakho-ke qaphela enhliziyweni yakho, ukuba ungamkhohlisi unkosikazi wobusha benu.


USimakade uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizomenzela umsizi omfaneleyo.”


ngisho imfihlakalo ebifihlakele kusukela emandulo nasezizukulwaneni, kodwa manje yambuliwe kwabangcwele bakhe,


nembethe omusha, owenziwa musha njalo ekwazini ngokomfanekiso walowo owamdalayo;


“Ochitha igazi lomuntu, nelakhe liyochithwa ngumuntu, ngokuba umuntu wadalwa nguNkulunkulu, wamenza wafana naye.


“Ake ubuze izinsuku ezidlulileyo ezaziphambi kwakho, kusukela osukwini uNkulunkulu adala ngalo abantu emhlabeni, kusukela kolunye uhlangothi lwezulu kuze kufike kolunye, ukuthi kukhona yini okufana nale nto engaka okwake kwenzeka, futhi kukhona yini okwake kwezwakala okufana nakho na?


Yilokhu kodwa engakuthola, ukuthi uNkulunkulu wabenza abantu baba qotho, kodwa bona bazisungulela amaqhinga amaningi.”


USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo.


Uma befika oyise noma abafowabo bezokhononda kithi, siyothi kubo: ‘Yibani nomusa kubo, nibavumele bawathathe, ngokuba empini asiyitholelanga mfazi indoda ngayinye, kodwa nani anibanikanga amadodakazi enu, ngabe manje ninecala.’ ”


thathani abafazi, nizale amadodana namadodakazi; thathelani amadodana enu abafazi, amadodakazi enu niwaganisele amadoda, ukuba azale amadodana namadodakazi, nande lapho, ninganciphi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite