Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 1:24 - IsiZulu 2020

24 UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izinhlobonhlobo zezilwane eziphilayo, ezifuywayo, ezihuquzelayo nezilwane zasendle ngezinhlobo zazo.” Kwaba njalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngezinhlobo zazo, izinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngezinhlobo zazo,” kwaba njalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngezinhlobo zazo: izinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngezinhlobo zazo; futhi kwenzeka kanje.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 1:24
15 Referans Kwoze  

“Ake ubheke uBhehemothi engamenza kanye nawe, udla utshani njengenkabi.


Ungenise izinyoni ngezinhlobo zazo, nezilwane ngezinhlobo zazo, nezihuquzelayo ngezinhlobo zazo, konke lokho kungene ngakubili ukuze kuphile.


Emkhunjini kwaphuma zonke izilwane, zonke izilwane ezihuquzelayo, nazo zonke izinyoni, nakho konke okuhambayo emhlabeni ngezinhlobo zakho.


nani zilwane nemfuyo yonke, nani eninwabuzelayo nezinyoni ezindizayo,


“Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe? Ngubani owathukulula izibopho zayo,


Kwangena zonke izilwane zasendle ngezinhlobo zazo, nezilwane ezifuywayo ngezinhlobo zazo, ezihuquzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo, nazo zonke izinyoni zezulu ngezinhlobo zazo, nakho konke okunamaphiko.


Kube sekuphuma umuntu, aye emsebenzini wakhe nasemshikashikeni wakhe, kuze kuhlwe.


Izintaba eziphakemeyo ngezezimbuzi zasendle, amawa ayisiphephelo sezimbila.


“Nguwe yini onika ihhashi amandla, wembathise intamo yalo ngomhlwenga oyephuzelayo na?


“Inyathi ingavuma yini ukukusebenzela, ihlale ebusuku emkhombeni wakho na?


“Uyasazi yini isikhathi sokuzala kwezimbuzi zezintaba na? Uke ukuqaphele yini ukuzala kwezindluzelekazi na?


Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesihlanu.


USimakade uNkulunkulu wathatha umhlabathi wabumba zonke izilwane zasendle, nazo zonke izinyoni zezulu. Waziletha kumuntu ukuze abone ukuthi uzoziqamba athini; lawo magama umuntu aziqamba ngawo zonke izilwane eziphilayo, kwaba ngamagama azo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite