Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 1:2 - IsiZulu 2020

2 Umhlaba wawungenasimo, ungenalutho, ubumnyama busibekele utwa. UMoya kaNkulunkulu wawuvunguza phezu kwamanzi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Umhlaba wawuyize, ungenalutho; Ubumnyama babuphezu kukazamcolo womhlaba futhi uMoya kaNkulunkulu wawundinda phezu kwamanzi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 1:2
17 Referans Kwoze  

Ngawubuka umhlaba; bheka, wawuyize, ungenalutho, nezulu lalingenakukhanya.


Uyathumela umoya wakho, zidalwe; wenza bube busha ubuso bomhlaba.


Ngokuba usho kanje uSimakade, owadala izulu, uNkulunkulu, owabumba umhlaba; wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize; wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguSimakade, akekho omunye.


Ngezwi nangomoya womlomo kaSimakade, kwadalwa amazulu namabandla wonke.


Wendlala inyakatho phezu kweze, aphanyeke umhlaba ezeni.


Bheka, lokho kuyisiphetho sezindlela zakhe, izwi elinyenyezayo esilizwayo ngaye, kodwa ukuduma kwamandla akhe ngubani ongakuqonda na?”


Alisenalutho, kukhala ibhungane, futhi liyincithakalo, inhliziyo iyancibilika, kushayana amadolo, izinhlungu zikhungethe lonke ukhalo, nobuso babo bonke buphaphathekile.


Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.


Njengokhozi lunyakazisa isidleke salo, lubhakuza phezu kwamaphuphu alo, welula amaphiko akhe, wabathatha, wabathwala ngamaphikho akhe.


ngesikhathi ngibeka amafu eba yisembatho salo, nesigayegaye siba yimbeleko yalo,


Wawumboza ngolwandle njengengubo, amanzi ema phezu kwezintaba.


owendlale umhlaba phezu kwamanzi, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Mdumiseni uSimakade emhlabeni nina mikhomo nezintwa zonke,


Zingakabi bikho izinzulu nemithombo egcwele amanzi, ngazalwa.


Njengezinyoni ezindiza phezu kwamakhanda, kanjalo uSimakade Wamabandla uyolivikela iJerusalema, uyolivikela, alisindise, adlule phezu kwalo, alikhulule.”


Ishiya umgudu ocwebezelayo emva kwayo, utwa kube sengathi lungwevu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite