Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 1:14 - IsiZulu 2020

14 UNkulunkulu wathi: “Makuvele izikhanyisi emkhathini ukuze zehlukanise imini nobusuku, zibe yinkomba yezinkathi neyezinsuku neyeminyaka,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UNkulunkulu wathi: “Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso ezahlukanisa imini nobusuku, zibe yizibonakaliso zezinkathi, nezezinsuku, nezeminyaka,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UNkulunkulu wathi: “Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso zehlukanise imini nobusuku; futhi mazibe izibonakaliso nezinkathi nezinsuku neminyaka.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 1:14
43 Referans Kwoze  

hleze uphakamisele amehlo akho ezulwini, ubone ilanga, inyanga, izinkanyezi, nalo lonke ibandla lezulu, bese uyengeka, ukhuleke kukho, ukukhonze, lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwabele izizwe zonke eziphansi kwezulu.


Usho kanje uSimakade obeka ilanga ukuba likhanyise emini, nezikhathi ezimisiwe zenyanga nezezinkanyezi, ukuba zikhanyise ebusuku, ovusa ulwandle ukuba kuhlokome amaza alo; nguSimakade Wamabandla igama lakhe, uthi:


Mdumiseni nina langa nenyanga, nimdumise nina zinkanyezi zonke ezikhanyayo.


Wakumisa kwaze kwaba phakade naphakade, wakushayela umthetho okungenakuweqa.


lowo owenza isilimela nomthala, oguqula ubumnyama bube yintathakusa, aphendule ubusuku bube yimini, obiza amanzi olwandle, awathululele phezu komhlaba, igama lakhe nguSimakade,


Ilanga nenyanga kuyakuba mnyama bhuqe, izinkanyezi zikugodle ukukhanya kwazo.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ningayifundi indlela yabezizwe, ningashaywa wuvalo ngezibonakaliso esibhakabhakeni, ngokuba abezizwe bayazesaba.


Shayani icilongo ngokwethwasa kwenyanga nangokugcwala kwayo, ngosuku lomkhosi wethu.


“Inqobo nje uma umhlaba usekhona, kuyotshalwa kuvunwe, kube makhaza kushise, kube yihlobo nobusika, imini nobusuku, lokhu akuyukunqamuka.”


Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odale lezo zinto na? Nguye okhipha amaviyo azo, awabale; azibize zonke ngamagama. Ngokuba unamandla amakhulu nezikhwepha zakhe zinkulu, yingakho kungasilele neyodwa.


“Masinyane nje emva kosizi lwalezo zinsuku, “ ‘ilanga liyakufiphazwa, inyanga ayiyukukhanya, izinkanyezi ziyakuwa emkhathini, namandla ezulu ayakuzanyazanyiswa.’


“Ngalolo lusuku ngiyakwenza ukuba ilanga lishone emini, ngenze kube mnyama emhlabeni emini kwabha,” kusho iNkosi uSimakade.


Umhlaba uyazamazama phambi kwabo, isibhakabhaka sithuthumele phambi kwabo. Ilanga nenyanga kuyakubamnyama bhuqe, nezinkanyezi zigodle ukukhanya kwazo.


“Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Uma ningasephula isivumelwano sami nemini, nesivumelwano sami nobusuku, kungabe kusaba bikho mini nabusuku ngesikhathi sakho,


Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ilanga laba mnyama bhuqe njengendwangu eyisaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,


“Uphi lowo ozelwe eyinkosi yabaJuda na? Ngokuba siyibonile inkanyezi yakhe empumalanga, ngakho-ke size ukuzokhuleka kuye.”


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Isango legceke elingaphakathi, elibheke ngasempumalanga liyakuvalwa izinsuku eziyisithupha zokusebenza, kepha ngosuku lwesabatha nangosuku lokwethwasa kwenyanga, liyakuvulwa.


Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Uma bengingenzanga isivumelwano sami nemini nobusuku, nezimiso nezulu nomhlaba,


Bheka, inyanga ayinankazimulo, nezinkanyezi azihlanzekile emehlweni akhe.


Uthingo lwenkosazana ngilubeke emafini, ukuze lube wuphawu lwesivumelwano phakathi kwami nomhlaba.


Ingelosi yesine yayisibetha icilongo; kwashaya ingxenye yokwesithathu kwelanga, okwesithathu kwenyanga, okwesithathu kwezinkanyezi, ukuze okwesithathu kokukhanya kwakho kube mnyama nokwesithathu kwemini kungakhanyi, kanjalo nobusuku.


Ilanga lafiphala, isihenqo sethempeli sadabuka phakathi.


“Kodwa ngalezo zinsuku, selwedlule lolo sizi, ilanga liyakufiphazwa, inyanga ingakhanyi,


Ngosuku lokwethwasa kwenyanga siyakunikela ngeduna elingenasici, amawundlu ayisithupha nenqama, konke lokhu kungabi nasici.


Ngokwezehlulelo zakho kusekhona nanamuhla, ngokuba konke kuyizinceku zakho.


Ukhona yini ongabala amaviyo akhe na? Ngubani ukukhanya kwakhe okungamkhanyiseli na?


Izinkanyezi zokuhwelela kobusuku maziphenduke ubumnyama, mabulindele ukukhanya kodwa kungabi bikho, mabungakuboni ukuntwela kokusa,


Yavula umgodi wakwalasha; kwaphuma isikhatha sentuthu kungathi intuthu iphuma eziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngentuthu eyayiphuma emgodini.


Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lwesithathu.


zibe yizikhanyisi esibhakabhakeni, zikhanyisele umhlaba.” Kwaba njalo.


Haleluya! Dumisani uNkulunkulu endlini yakhe engcwele, nimdumise emkhathini wakhe wamandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite