Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 1:11 - IsiZulu 2020

11 UNkulunkulu wathi: “Makumile utshani emhlabeni, nezitshalo ezithela imbewu nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ngezinhlobo zazo.” Kwaba njalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze utshani, nemifino ethela imbewu, nemithi yezithelo ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo, emhlabeni,” kwaba njalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze utshani, izitshalo ezithela imbewu, nemithi yezithelo ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo, emhlabeni.” kwaba njalo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 1:11
20 Referans Kwoze  

Ngokuba umhlabathi uyayiphuza imvula elokhu iwela kuwo, uhlumise imifino ebasizayo labo abawulinyelwayo, wamukele isibusiso kuNkulunkulu.


osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni.


UNkulunkulu wathi: “Bhekani, ngininika izinhlobo zonke zezitshalo ezithela imbewu ezimila emhlabeni wonke, nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ukuba nikudle.


USimakade uNkulunkulu watshala zonke izinhlobo zezihlahla ezibukekayo ukuba zithele izithelo ezinhle ezidliwayo. Phakathi naleyo nsimu kwakumile umuthi wokuphila, nomuthi wokwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi.


Umhlabathi uthela isithelo ngokwawo; kuqala ikhaba, ukhahlele, kuvele izikhwebu, bese kuba nezinhlamvu ezipheleleyo kuso.


Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayukunembathisa yini kakhulu nina eninokukholwa okuncane na?


Emhlabeni kuvela ukudla, kodwa phansi kwawo uyaphendulwa njengomlilo.


Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo, esimaqabunga aso angabuni. Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.


Ngesikhathi uSimakade uNkulunkulu edala umhlaba kwakungakabi bikho zihlahla ezweni, kwakungakamili nazitshalo emhlabathini ngoba wayengakayinisi imvula, futhi kungekho namuntu wokulima umhlabathi.


Bazalwane bami, umkhiwane ungathela yini izithelo zomnqumo, noma umvini uthele amakhiwane na? Kanjalo namanzi anosawoti angewakhiphe amanzi amtoti.


Izembe selibekiwe empandeni yemithi, ngakho-ke yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.


Uyakufana nesihlahla esitshalwe ngasemanzini, esimpande zaso sizenabisele ngasemfuleni. Akayukwesaba lapho ebona ukushisa kuza, amaqabunga aso ahlala eluhlaza, ngonyaka wesigagadu awanakukhathazeka, futhi awayeki ukuthela izithelo.


USimakade uNkulunkulu wamyala umuntu wathi: “Ungazidla izithelo zanoma yimuphi umuthi osensimini,


Kepha uNkulunkulu ulunika isimo salo ngokuthanda kwakhe, kube yileyo naleyo mbewu, owayo umzimba.


Kwamila utshani emhlabeni: izitshalo ezithela imbewu, nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wakubona ukuthi kuhle.


Njengokuba umhlaba uveza ihlumela lawo, nanjengokuba insimu ihlumisa okutshalwe kuyo, kanjalo iNkosi uSimakade iyokuveza ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite