Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 1:1 - IsiZulu 2020

1 Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 1:1
67 Referans Kwoze  

Ngokukholwa, siqonda ukuthi umhlaba wadalwa ngezwi likaNkulunkulu, kwaze kwathi kulokho okungabonakaliyo kwavela okubonakalayo.


Ngokuba usho kanje uSimakade, owadala izulu, uNkulunkulu, owabumba umhlaba; wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize; wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: “NginguSimakade, akekho omunye.


“Ufanele Wena Nkosi noNkulunkulu wethu ukwemukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wadala izinto zonke, futhi zonke zikhona, zadalwa, ngokuthanda kwakho.”


Nokuthi: “Wena Nkosi, ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba; amazulu angumsebenzi wezandla zakho.


Usho kanje uNkulunkulu uSimakade owadala izulu, waleneka, wendlala umhlaba nokuvela kuwo; onika abantu abakuwo umphefumulo nomoya kwabahamba kuwo, uthi:


ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uSimakade wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa, ngalokho uSimakade walubusisa usuku lwesabatha, walwehlukanisela ukuba lube ngcwele.


Wawukuphi lapho ngibeka izisekelo zomhlaba na? Ngitshele uma ukwazi ukuqonda.


“UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, Yena uyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla,


Ngokuba benza sengathi kufihlekile kubo ukuthi izulu lalikhona kwasemandulo, kanye nomhlaba owavela emanzini nangawo amanzi, kwadalwa ngezwi likaNkulunkulu,


“Nguwe wedwa onguSimakade, nguwe owenza izulu, izulu lamazulu, nayo yonke imikhosi ekulo, umhlaba nakho konke okukuwo, nezilwandle nakho konke okukuzo, konke ukuphe ukuphila, imikhosi yasezulwini iyakukhothamela.”


Usho kanje uSimakade uMhlengi wakho, nowakubumba kwasesiswini, uthi: “NginguSimakade owenza konke, oweneka izulu yedwa, wendlala umhlaba ngokwakhe,


“Awu, Nkosi Simakade, bheka, nguWena owenza amazulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangezikhwepha zakho, akukho lutho olulukhuni kuwe.


“Umhlaba wawenza ngamandla akhe, izwe walimisa ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe weneka izulu. Izulu walendlala ngokuqonda kwakhe.


Ngokuba wakhuluma, kwaba khona, wayaleza, kwama, kwagxila.


USimakade wasekela umhlaba ngokuhlakanipha; wamisa amazulu ngokuqonda.


Yasho ngezwi elikhulu, ithi: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike udumo, ngokuba ihora lokwehlulela kwakhe selifikile. Mkhonzeni lowo owadala izulu, umhlaba ulwandle, nemithombo yamanzi.”


Manibe ngababusisiweyo bakaSimakade, uMdali wezulu nomhlaba.


bathi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu njengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo, owadala izulu nomhlaba nolwandle, nakho konke okukukho,


owenze izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Umhlaba wawenza ngamandla akhe, izwe walimisa ngokuhlakanipha kwakhe, izulu walendlala ngokuqonda kwakhe.


kodwa kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela konke kuye, futhi esiphilela Yena, neNkosi yinye, uJesu Khristu, okungaye kukhona konke, nathi sikhona ngaye.


Lapho ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okumisileyo,


Izisekelo zomhlaba wazibeka kwasemandulo, namazulu angumsebenzi wezandla zakho.


Ngokuba indlu nendlu yakhiwa ngothile, kodwa owakhe konke nguNkulunkulu.


Usizo lwethu lusegameni likaSimakade owenzile izulu nomhlaba.


Ekugcineni kwale mihla, ukhulume kithi ngeNdodana ayimise ukuba ibe yindlalifa yakho konke, futhi owadala ngayo izwe.


USimakade unenjongo ngakho konke akwenzayo, yebo, nomubi umenzele usuku lokuhlupheka.


Ngezwi nangomoya womlomo kaSimakade, kwadalwa amazulu namabandla wonke.


Usizo lwami luvela kuSimakade, owenzile izulu nomhlaba.


Isiphrofetho. Izwi likaSimakade ngo-Israyeli. USimakade wendlale izulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu ezibili zakhe, uthi:


Awuzange wazi yini? Awuzwanga yini na? USimakade unguNkulunkulu ongunaphakade, uMdali wemikhawulo yomhlaba, akapheli amandla, akakhathali; nokuqonda kwakhe akunakuphenywa.


Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.


Bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kodwa uSimakade wenza izulu.


yafunga Yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu nakho konke okukulo, umhlaba nakho konke okukuwo, nolwandle nakho konke okukulo, yathi: “Akusayukuba bikho kubambezeleka.


Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kubuyela kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen.


Sebezwile, benyusela izwi labo nganhliziyonye kuNkulunkulu, bathi: “Somandla, wena owenza izulu, umhlaba, ulwandle nakho konke okukukho,


Zingakaveli izintaba, umhlaba, nezwe ungakakudali, kusukela phakade kuze kube phakade, Wena, Nkulunkulu, ukhona.


Ngibeke amazwi ami emlonyeni wakho, ngakufihla ethunzini lesandla sami; ngeneke amazulu, ngamisa isisekelo somhlaba, ngathi eZiyoni: ‘Wena uyisizwe sami.’ ”


“Simakade Wamabandla, Nkulunkulu ka-Israyeli, oqhwakele phezu kwamakherubhi, unguNkulunkulu, Wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, nguWena owenze izulu nomhlaba.


owenze izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukulo, ogcina iqiniso kuze kube phakade.


USimakade makakubusise eseZiyoni, Yena owenze izulu nomhlaba.


Ngingu-Alfa no-Omega, owokuqala nowokugcina, isiqalo nesiphetho.


Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esakuzwa, sakubona ngamehlo ethu, sakubheka, sakuphatha ngezandla zethu, okwezwi lokuphila.


Ngokuba lezo zinsuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona kusukela ekuqaleni kwendalo, lapho uNkulunkulu edala konke okudaliweyo kuze kube manje, nolungayukubuye lube khona.


Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odale lezo zinto na? Nguye okhipha amaviyo azo, awabale; azibize zonke ngamagama. Ngokuba unamandla amakhulu nezikhwepha zakhe zinkulu, yingakho kungasilele neyodwa.


Uyathumela umoya wakho, zidalwe; wenza bube busha ubuso bomhlaba.


Bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe ezingenamsebenzi, kepha uSimakade walenza izulu.


Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.


Ngikhanyisele bonke abantu ukuthi luyini uhlelo lwemfihlakalo ebifihliwe kwaphakade kuNkulunkulu owadala konke,


Usumkhohliwe uSimakade uMenzi wakho, owaleneka izulu, wabeka nesisekelo somhlaba. Uthuthumele usuku lonke ngenxa yolaka lomcindezeli, ozilungiselela ukubhubhisa. Kepha luphi ulaka lomcindezeli na?


“Ngokuba bheka, ngiyakudala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyukukhunjulwa, azinakuvuka enhliziyweni.


“Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikheya loba, ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisileyo, ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi:


Ngomoya wakhe amazulu ayakhazimuliswa; isandla sakhe sabhokoda inkanyamba eshwibekayo.


Khumbula uMdali wakho ezinsukwini zobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, neminyaka ingakasondeli oyothi ngayo: “Angithokozi.”


Kwathi ngaleso sikhathi uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo, nakulabo abanokuqonda, kodwa wakwambulela izingane.


USimakade eseqedile ukukhuluma noMose entabeni iSinayi, wamnika izibhebhe ezimbili zesivumelwano, izibhebhe zamatshe, zibhalwe ngomunwe kaNkulunkulu.


oweneka izulu yedwa, ahambe phezu kwamaza olwandle,


Anazi yini? Anizwa yini? Anitshelwanga yini kwasekuqaleni, aniqondanga yini kwasekusekelweni komhlaba na?


UHezekiya wakhuleka phambi kukaSimakade, wathi: “Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli ohleli phezu kwamakherubhi, Wena wedwa unguNkulunkulu, nguwe wedwa owenze izulu nomhlaba.


UHuramu, inkosi yaseThire, waloba wayesethumela kuSolomoni, wathi: “USimakade uyabathanda abantu bakhe; ukubeke waba yinkosi phezu kwabo.”


uyini umuntu ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite