Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 9:32 - IsiZulu 2020

32 Kodwa ukolo nesipelithi akonakalanga ngoba kwakungakaqhumi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Kepha ukolweni nespelite* akushaywanga, ngokuba kwakungakakhuli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Kodwa ukolweni nokhula akubhuqwanga, ngokuba kwakungekukhulu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 9:32
8 Referans Kwoze  

UMose wayeselulela isandla sakhe ngasezulwini, kwase kuba khona isigayegaye sobumnyama izinsuku ezintathu kulo lonke iGibhithe.


Ifilakisi nebhali lashaywa lonakala, ngokuba ibhali lalikhahlele, nefilakisi seliqhakaza.


UMose waphuma emzini kaFaro, welulela izandla zakhe kuSimakade; kwase kunqamuka ukuduma, nesichotho, nemvula, lasa.


Wabanikela kwabaseGibheyoni, babaphanyeka entabeni phambi kukaSimakade; labo abayisikhombisa bafa kanyekanye. Babulawa ngesikhathi sokuvuna, ngezinsuku zokuqala, kusaqalwa ukuvunwa kwebhali.


Lapho sebehlelembe umhlabathi abatshali yini imbewu eyehlukene ngemigqa ibhali nokolo endaweni yakho na?


“Zithathele futhi ukolo, ibhali, ubhontshisi, imbumba, unyaluthi nesiphelithe, ukufake esitsheni esisodwa, bese uzenzela ngakho isinkwa. Uyakusidla ngokwenani lezinsuku oyozilala ngohlangothi, izinsuku ezingama-390.


Sizokwemboza izwe kungabi bikho muntu okwazi ukubona umhlabathi. Sizokudla lokho okusale esichothweni, sibhuqe yonke imithi esahlumayo emasimini.


USimakade wathi kuMose: “Yelula isandla sakho phezu kweGibhithe, ukuze kuphume isikhonyane phezu kwalo lonke iGibhithe, sidle konke okumilileyo ezweni, konke lokho okusale esichothweni.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite