Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 9:29 - IsiZulu 2020

29 UMose wathi kuye: “Lapho nje ngiphuma emzini ngizokwelulela izandla zami kuSimakade; ukuduma kuzophela, singabe sisehla nesichotho, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Wayesethi uMose kuye: “Nxa sengiphumile emzini, ngizakwelula izandla zami kuJehova; kuyakunqamuka ukuduma, nesichotho asisayikuba khona, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 UMozisi wasesithi kuye: Nxa ngiphuma emzini, ngizakwelulela izandla zami eNkosini; nokuduma kuyonqamuka, nesichotho ngeke sisaba khona; ukuze nazi ukuthi umhlaba ungokaJehova.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 9:29
19 Referans Kwoze  

ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo.


Uma niphakamisa izandla zenu, ngiyowafihla amehlo ami; ngisho ningenza imithandazo eminingi, angiyukuyilalela; izandla zenu zigcwele igazi.


Izandla zami ngizelulela kuwe, umphefumulo wami womela Wena njengomhlaba owomileyo. Sela


bese kuzwakala nanoma yimuphi umkhuleko, nanoma yikuphi ukunxusa, okuvela kunoma yimuphi umuntu, nakubo bonke abantu bakho, u-Israyeli, ngamunye azi inhlupheko yenhliziyo yakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu,


USolomoni wema phambi kwe-althare likaSimakade, phambi kwalo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,


“Bheka, izulu nezulu lamazulu, nomhlaba nakho konke okukuwo, kungokukaSimakade uNkulunkulu wakho.


Kepha uma kukhona othi kini: “Lokhu kuhlatshelwe izithombe,” ningalokothi nikudle ngenxa yalowo osho kanjalo nangenxa kanembeza.


Noma yini uSimakade ayithandayo uyayenza, ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke.


Ukuba bengilambile, bengingeke ngitshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke, nakho konke okukuwo.


“Uma uqondisa kahle inhliziyo yakho, welulela izandla zakho kuye,


Ngesikhathi somnikelo wakusihlwa, ngasukuma ekuzileni, izingubo zami nesembatho sami kuklebhukile, ngaguqa ngaphakamisela izandla zami kuSimakade uNkulunkulu wami,


Ngakho-ke uma nililalela ngokucophelela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyokuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami.


UMose waphuma emzini kaFaro, welulela izandla zakhe kuSimakade; kwase kunqamuka ukuduma, nesichotho, nemvula, lasa.


Ngalolo lusuku ngiyakulehlukanisa iGosheni lapho kuhlala khona abantu bami, akuyukuba bikho zinkumbi zezibawu khona, ukuze wazi ukuthi Mina Simakade ngikuleli lizwe.


ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uSimakade wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa, ngalokho uSimakade walubusisa usuku lwesabatha, walwehlukanisela ukuba lube ngcwele.


U-Aroni welulela isandla sakhe phezu kwamanzi eGibhithe, kwaphuma amasele agcwala kulo lonke iGibhithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite