Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 8:29 - IsiZulu 2020

29 UMose wathi: “Uma ngisuka lapha kuwe, ngizokhuleka kuSimakade ukuba kusasa azisuse izinkumbi zezibawu kuFaro, nasezincekwini zakhe, nakubantu bakhe. Kodwa-ke uFaro makangaphinde akhohlise ngokuthi uzakubavumela abantu bahambe ukuyokwenzela uSimakade umhlatshelo.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Wathi uMose: “Bheka, ngiyaphuma kuwe; ngiyakuncenga uJehova ukuba izibawu zimuke, zisuke kuFaro, nakuzo izinceku zakhe, nakubantu bakhe ngomuso; kodwa uFaro angabuyi akhohlise ngokungavumeli abantu ukuba bahambe bahlabele uJehova.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Wayesethi uMose: “Bheka, ngiyaphuma kuwe, ngiyakuncenga uJehova ukuba kusasa zisuke izibawu kuFaro, nasezincekwini zakhe, nakubantu bakhe; kepha uFaro makangabe esaqhubeka nokukhohlisa, avumele abantu ukuba bahambe bayohlabela uJehova.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 8:29
9 Referans Kwoze  

Kepha lapho uFaro ebona ukuthi uthole ikhefu, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, akaze abalalela njengalokhu ayeshilo uSimakade.


UFaro wabiza uMose no-Aroni, wathi kubo: “Khulekani kuSimakade ukuze asuse amasele kimi nakubantu bami, ngizobadedela abantu bayokwenzela uSimakade umhlatshelo.”


Ningadukiswa, uNkulunkulu akabhuqwa, ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho uyakukuvuna.


Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ubukhulu bemisebenzi yakho! Ngenxa yobukhulu bamandla akho, izitha zakho ziyothoba phansi kwakho.


Kepha ngiyazi ukuthi wena nezikhulu zakho, anikamesabi uSimakade uNkulunkulu.”


UJeremiya, umphrofethi, wayesethi kubo: “Nginizwile; bhekani, ngiyakukhuleka kuSimakade uNkulunkulu wenu njengoba ninxusile, kuyakuthi noma yiliphi izwi uSimakade ayoniphendula ngalo, nginitshele lona, angiyukunigodlela lutho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite