Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 8:22 - IsiZulu 2020

22 Ngalolo lusuku ngiyakulehlukanisa iGosheni lapho kuhlala khona abantu bami, akuyukuba bikho zinkumbi zezibawu khona, ukuze wazi ukuthi Mina Simakade ngikuleli lizwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “ ‘Ngalolo suku ngiyakwahlukanisa izwe laseGosheni abakhe kulo abantu bami ukuba kungabikho izibawu khona, ukuze wazi ukuthi nginguJehova phakathi kwezwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngalolo suku ngiyakunquma izwe laseGosheni abantu bami abahlala kulo, kungabikho izibawu; kuze kube sekupheleni niyakwazi ukuthi nginguJehova enkabeni yomhlaba.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 8:22
19 Referans Kwoze  

Kepha uSimakade uzohlukanisa phakathi kwemfuyo yabakwa-Israyeli nemfuyo yabaseGibhithe, ukuze kungafi lutho olungolwabantu bakwa-Israyeli.” ’ ”


Niyakubuye futhi nehlukanise kahle phakathi kolungileyo nongalungile, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”


Abantu babengakwazi ukubonana, akekho owakwazi ukusuka endaweni yakhe izinsuku ezintathu, kodwa kubo bonke abantu bakwa-Israyeli kwakunokukhanya lapho babehlala khona.


Ngiyakulijezisa iGibhithe, futhi bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.’ ”


Ngakusasa uSimakade wakwenza lokho; yonke imfuyo yabaseGibhithe yafa, kodwa akufanga nayinye emfuyweni yabantu bakwa-Israyeli.


USimakade eseZiyoni uyakuyelula intonga yamandla akho, Wena busa phakathi kwezitha zakho.


Igazi liyokuba wuphawu lwenu ezindlini lapho nihleli khona: uma ngibona igazi, ngiyokwedlula kini, ngeke ubhubhane lunibhubhise lapho ngishaya iGibhithe.


UMose wathi kuye: “Lapho nje ngiphuma emzini ngizokwelulela izandla zami kuSimakade; ukuduma kuzophela, singabe sisehla nesichotho, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaSimakade.


KuseGosheni kuphela, lapho kwakuhlala khona abakwa-Israyeli, esingehlanga khona isichotho.


Wathi: “Kusasa.” UMose wayesethi: “Makube njengalokhu ushilo ukuze wazi ukuthi akekho noyedwa ofana noSimakade uNkulunkulu wethu.


Uthi-ke uSimakade: ngalokhu uzokwazi ukuthi nginguSimakade. Uyabona-ke, ngale nduku engiyiphethe ngesandla, ngiyoshaya amanzi omfula iNayili, ayophenduka igazi.


UNkulunkulu uyiNkosi yami kuze kube phakade, nguye owenza insindiso emhlabeni.


AbaseGibhithe bayongazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengilishaya iGibhithe, ngikhipha kulo abantu bakwa-Israyeli.”


Ngokuba uma ungabavumeli abantu bami, ngiyothumela izinkumbi zezibawu kuwe, ezincekwini zakho, kubantu bakho, nasezindlini zenu. Ezindlini zabaseGibhithe kuzogcwala izinkumbi zezibawu, ngisho nasezweni abahlala kulo imbala.


Ngiyakuhlukanisa phakathi kwabantu bami nabakho. Lesi sibonakaliso sizokwenzeka kusasa.’ ”


Ngakho-ke uma nililalela ngokucophelela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyokuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami.


ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uSimakade wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa, ngalokho uSimakade walubusisa usuku lwesabatha, walwehlukanisela ukuba lube ngcwele.


Niyothi: ‘Izinceku zakho selokhu kwathi nhlo zingabantu bemfuyo, thina nawobaba,’ ukuze anivumele nihlale eGosheni, ngokuba kwabaseGibhithe abelusi bayanengeka.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite