Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 8:21 - IsiZulu 2020

21 Ngokuba uma ungabavumeli abantu bami, ngiyothumela izinkumbi zezibawu kuwe, ezincekwini zakho, kubantu bakho, nasezindlini zenu. Ezindlini zabaseGibhithe kuzogcwala izinkumbi zezibawu, ngisho nasezweni abahlala kulo imbala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ngokuba uma wenqaba ukuba basuke, bheka, ngizakuthumela kuwe izibawu, nakuzo izinceku zakho, nakubantu bakho, nasezindlini zakho; izindlu zabaseGibithe ziyakugcwala izibawu kanye nomhlabathi ezikuwo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Uma kungenjalo, uma ungabadedeli abantu bami, bheka, ngiyakuthuma izibawu kuwe, nasezincekwini zakho, nakubantu bakho, nasezindlini zakho; izindlu zabaseGibhithe ziyogcwala izibawu kanye nomhlabathi ezikuwo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 8:21
7 Referans Kwoze  

Ngalolo lusuku uSimakade uyohlaba umkhosi ngekhwela kusabele izimpukane ezingasekugcineni kwemifudlana eGibhithe, nezinyosi e-Asiriya.


Wakhuluma, kwavela izibawu nomiyane emingceleni yabo yonke.


Wabathumelela izibawu ezabalumayo, namaselesele ababhubhisayo.


USimakade wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kakhulu uye kuFaro ngaphambi kokuba aye emfuleni, uthi kuye: ‘USimakade uthi: vumela abantu bami bahambe ukuze bayongikhonza.


Ngalolo lusuku ngiyakulehlukanisa iGosheni lapho kuhlala khona abantu bami, akuyukuba bikho zinkumbi zezibawu khona, ukuze wazi ukuthi Mina Simakade ngikuleli lizwe.


USimakade wenza kanjalo, izinkumbi zezibawu zahlasela indlu kaFaro, nezindlu zezinceku zakhe, nalo lonke iGibhithe, kwaba nomonakalo ngenxa yezibawu.


Sizogcwala ezindlini zakho, ezindlini zezinceku zakho, nasezindlini zabo bonke abaseGibhithe, into engakaze ibonwe ngokhokho benu, ngisho nokhokho bokhokho benu, kusukela ngosuku abafika ngalo emhlabeni kuze kube yilolu lusuku lwanamuhla.’ ” Wayesephenduka, waphuma phambi kukaFaro.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite