Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 8:20 - IsiZulu 2020

20 USimakade wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kakhulu uye kuFaro ngaphambi kokuba aye emfuleni, uthi kuye: ‘USimakade uthi: vumela abantu bami bahambe ukuze bayongikhonza.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UJehova wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kusasa, ume phambi kukaFaro; bheka, uyaphuma ukuya emanzini; thana kuye: ‘UJehova usho kanje, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 UJehova wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kakhulu, ume phambi kukaFaro; bheka, Uphumela emanzini; wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, ukuze bangikhonze.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 8:20
11 Referans Kwoze  

Hamba uye kuFaro ekuseni, uyaphuma njengamanje uya emfuleni. Uyokuma umlinde ngasosebeni lomfula. Phatha ngesandla induku leyo eyaphenduka inyoka.


USimakade wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kakhulu uye kuFaro, uthi kuye: ‘Usho kanje uSimakade, uNkulunkulu wamaHebheru, uthi: “Vumela abantu bami bahambe bayongikhonza.


USimakade wathi kuMose: “Hamba uye kuFaro uthi kuye: ‘USimakade uthi: vumela abantu bami bahambe ukuze bayongikhonza.


“Bayokulalela okushoyo; wena uyakuhamba namalunga akwa-Israyeli niye enkosini yaseGibhithe, nifike nithi: ‘USimakade, uNkulunkulu wamaHebheru uzibonakalisile kithi, ngakho-ke sivumele sihambe ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, ukuze sihlabele uSimakade uNkulunkulu wethu.’


Kwase kwehla indodakazi kaFaro iyogeza emfuleni, abaphelezeli bayo bagudla osebeni lomfula; yayisibona ubhasikidi emhlangeni, yayisithumela umsizi wayo ukuyowulanda.


ngathi kuwe: yivumele indodana yami ihambe ukuze ingikhonze, kepha wenqaba ukuyidedela ihambe, uyabona-ke, ngizoyibulala indodana yakho, izibulo lakho.” ’ ”


Emveni kwalokho, uMose no-Aroni baya kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uSimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Dedela abantu bami bahambe, ukuze bayogubha umkhosi wami ehlane.’ ”


Base bethi: “UNkulunkulu wamaHebheru ubonakele kithi; sidedele sihambe uhambo lwezinsuku ezintathu, siye ehlane, siyokwenzela uSimakade uNkulunkulu wethu umhlatshelo, funa asehlisele ngobhubhane, noma asiqothe ngenkemba.”


Ngokuba uma ungabavumeli abantu bami, ngiyothumela izinkumbi zezibawu kuwe, ezincekwini zakho, kubantu bakho, nasezindlini zenu. Ezindlini zabaseGibhithe kuzogcwala izinkumbi zezibawu, ngisho nasezweni abahlala kulo imbala.


Wabathumelela izibawu ezabalumayo, namaselesele ababhubhisayo.


Wakhuluma, kwavela izibawu nomiyane emingceleni yabo yonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite