Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 8:19 - IsiZulu 2020

19 Osomlingo bathi kuFaro: “Lona ngumunwe kaNkulunkulu.” Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akafunanga ukubalalela njengalokhu ayeshilo uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Zase zithi izanusi kuFaro: “Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu.” Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Zase zithi izanusi kuFaro: “Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu; njengokutsho kweNkosi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 8:19
18 Referans Kwoze  

Kepha uma ngikhipha amadimoni ngomunwe kaNkulunkulu, kusho ukuthi umbuso kaNkulunkulu usufikile kini.


Lapho ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okumisileyo,


Kepha uma Mina ngikhipha amadimoni ngoMoya kaNkulunkulu, kusho ukuthi umbuso kaNkulunkulu usufikile kini.


AbaseGibhithe bayongazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengilishaya iGibhithe, ngikhipha kulo abantu bakwa-Israyeli.”


bethi: “Sizakwenzani ngalaba bantu na? Ngokuba kusobala kubo bonke abakhileyo eJesuralema ukuthi yibona abenze isibonakaliso esikhulu esingenakho ukusiphika.


Ngakho-ke abaphristi abakhulu nabaFarisi babiza umkhandlu, bathi: “Sizokwenzenjani ngokuba lo muntu wenza izibonakaliso eziningi na?


Ngakho-ke yabonakaliswa imfihlakalo kuDaniyeli, ngombono ebusuku. UDaniyeli wambonga uNkulunkulu wasezulwini.


Bhekani, uma zenyuka nawo ngendlela esemngceleni waseBhethi Shemeshi, yazini ukuthi nguNkulunkulu ka-Israyeli osehlisele lobo bubi obukhulu. Uma kungenzeki kanjalo, kuyobe sehlelwe yingozi nje.”


Bathi: “Uma senizowuphindisela umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ningawuphindiseli ungenalutho. Kodwa ubuyiseleni nomnikelo wecala, khona niyophiliswa; sekuyokwazeka-ke ukuthi kungani isandla sakhe singasuswa kini.”


Izinceku zikaFaro zathi kuye: “Kuyoze kube nini lo mfokazi ewugibe kithi na? Bavumele abantu ukuba bahambe, ukuze bayokhonza uSimakade uNkulunkulu wabo; awuboni yini ukuthi iGibhithe liyabhubha na?”


Uma uFaro engakulaleli, Mina ngizolishaya iGibhithe ngezenzo ezinkulu zokwehlulela, ngikhiphe abantu bami, u-Israyeli, ngamaviyo abo, eGibhithe.


Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akabalalelanga, njengalokhu ayeshilo uSimakade.


Izikhwebu eziyisikhombisa ezizacileyo zagwinya lezo ezinhle. Ngizazisile izanusi ngalawa maphupho, kodwa asikho esingichazele wona.”


Kepha uSimakade uzohlukanisa phakathi kwemfuyo yabakwa-Israyeli nemfuyo yabaseGibhithe, ukuze kungafi lutho olungolwabantu bakwa-Israyeli.” ’ ”


KuseGosheni kuphela, lapho kwakuhlala khona abakwa-Israyeli, esingehlanga khona isichotho.


Abantu babengakwazi ukubonana, akekho owakwazi ukusuka endaweni yakhe izinsuku ezintathu, kodwa kubo bonke abantu bakwa-Israyeli kwakunokukhanya lapho babehlala khona.


Kepha ngasohlangothini lwabakwa-Israyeli akukho muntu nasilwane okuzokufa, ngisho inja imbala ayiyukugwavumela muntu namfuyo, ukuze nazi ukuthi uSimakade wehlukanisile phakathi kwabaseGibhithe nabakwa-Israyeli.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite