Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 8:17 - IsiZulu 2020

17 Wenza kanjalo, u-Aroni welula isandla sakhe esasiphethe induku, washaya uthuli lomhlabathi, omiyane banamathela abantu nezilwane ngokufanayo. Lonke uthuli lomhlabathi lwaphenduka omiyane kulo lonke iGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Benze njalo-ke; u-Aroni welula isandla sakhe nenduku yakhe, washaya uthuli lomhlabathi, lwaba ngomiyane kubantu nasezinkomeni; uthuli lonke lomhlabathi lwaba ngomiyane ezweni lonke laseGibithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Benza njalo; ngokuba u-Aroni welula isandla sakhe esinenduku yakhe, washaya uthuli lomhlabathi, lwaba omiyane kubantu nasezinkomeni; lonke uthuli lwezwe lwaba omiyane ezweni lonke laseGibithe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 8:17
7 Referans Kwoze  

Wakhuluma, kwavela izibawu nomiyane emingceleni yabo yonke.


Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba engamnikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.


NguSimakade Wamabandla ocebe lokho, ukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi, badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.


USimakade wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni uthi: ‘Yelula induku yakho ushaye uthuli lomhlabathi, ukuze luphenduke omiyane eGibhithe.’ ”


ngathi kuwe: yivumele indodana yami ihambe ukuze ingikhonze, kepha wenqaba ukuyidedela ihambe, uyabona-ke, ngizoyibulala indodana yakho, izibulo lakho.” ’ ”


Emveni kwalokho, uMose no-Aroni baya kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uSimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Dedela abantu bami bahambe, ukuze bayogubha umkhosi wami ehlane.’ ”


Wabathumelela izibawu ezabalumayo, namaselesele ababhubhisayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite