Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 7:5 - IsiZulu 2020

5 AbaseGibhithe bayongazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengilishaya iGibhithe, ngikhipha kulo abantu bakwa-Israyeli.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 AbaseGibithe bayokwazi ukuthi nginguJehova, nxa ngelula isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe abantwana bakwa-Israyeli phakathi kwabo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 AbaseGibhithe bazakwazi ukuthi nginguJehova lapho ngelulela isandla sami phezu kweGibhithe ngikhuphe abantwana bakoIsrayeli phakathi kwabo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 7:5
20 Referans Kwoze  

AbaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade lapho sengizitholele udumo ngoFaro, nezinqola zakhe zempi, nangabagibele amahhashi.”


Ngalolo lusuku ngiyakulehlukanisa iGosheni lapho kuhlala khona abantu bami, akuyukuba bikho zinkumbi zezibawu khona, ukuze wazi ukuthi Mina Simakade ngikuleli lizwe.


Uthi-ke uSimakade: ngalokhu uzokwazi ukuthi nginguSimakade. Uyabona-ke, ngale nduku engiyiphethe ngesandla, ngiyoshaya amanzi omfula iNayili, ayophenduka igazi.


“Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, uyakubalandela, ukuze ngithole udumo ngoFaro nangempi yakhe yonke; abaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.” Benza kanjalo.


Ngiyakwelula isandla sami ngilishaye iGibhithe ngezimangaliso engiyakuzenza kulo; emveni kwalokho iyakunikhulula nihambe.


Indlu yakwa-Israyeli iyakukwazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wayo, kusukela ngalolo lusuku.


“ ‘ “Ngiyakukwenza ukuba igama lami elingcwele laziwe phakathi kwabantu bami, u-Israyeli, ngingabe ngisavuma ukuba igama lami elingcwele lingcoliswe, izizwe ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade, oNgcwele kwa-Israyeli.


Wathi: “Kusasa.” UMose wayesethi: “Makube njengalokhu ushilo ukuze wazi ukuthi akekho noyedwa ofana noSimakade uNkulunkulu wethu.


Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu elihlanjalaziweyo ezizweni, enilihlambalazileyo kuzo, izizwe ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho ngizibonakalisa ngani phambi kwazo ukuthi Mina ngingcwele,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


uthi kulo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Bheka, ngimelene nawe Sidoni; ngiyakudunyiswa ngawe, abantu bayakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengilehlulela, ngizibonakalise ngingcwele kulo.


Ngiyakuziphindiselela ngokwedlulele kubo, ngezijeziso zolaka lwami; bayakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengiziphindiselele kubo.’ ”


USimakade uzibonakalisile, wenzile ukwehlulela ngezandla zakhe, ngokucekela phansi ababi. Sela


Osomlingo bathi kuFaro: “Lona ngumunwe kaNkulunkulu.” Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akafunanga ukubalalela njengalokhu ayeshilo uSimakade.


USimakade wathi kuMose: “Manje uzokubona engizokwenza kuFaro. Uzobadedela bahambe, ngenxa yesandla esinamandla; ngesandla esinamandla uzobaxosha ezweni lakhe.”


Lokhu uyoze ukuxoxele indodana yakho nabazukulu bakho ukuthi ngaliphatha ngesihluku esinjani iGibhithe, nokuthi zibonakaliso zini engazenza kulo ukuze nazi ukuthi nginguSimakade.”


Izinceku zikaFaro zathi kuye: “Kuyoze kube nini lo mfokazi ewugibe kithi na? Bavumele abantu ukuba bahambe, ukuze bayokhonza uSimakade uNkulunkulu wabo; awuboni yini ukuthi iGibhithe liyabhubha na?”


UMose wamlandisa umukhwe wakhe konke uSimakade ayekwenze kuFaro nakwabaseGibhithe ngenxa ka-Israyeli, nobunzima bonke ababehlangabezane nabo endleleni, nokuthi uSimakade wabakhulula kanjani.


Noma ngihamba ngikhungethwe ukuhlupheka, uyongilondoloza, uyokwelula isandla sakho ungivikele olakeni lwezitha zami, esokunene sakho singisindise.


“ ‘ “Kuyakuthi lapho iGibhithe sengilenze laba yincithakalo nehlane, izwe eseliphundlwe konke obekugcwele kulo, lapho sengibulala zonke izakhamuzi zalo, kulapho-ke beyakukwazi khona ukuthi nginguSimakade.


Ngakho-ke yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘NginguSimakade, ngiyakunikhulula emithwalweni yabaseGibhithe, nginikhulule ekugqilazweni yibo, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezenzo ezinkulu zokwehlulela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite