Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 7:4 - IsiZulu 2020

4 Uma uFaro engakulaleli, Mina ngizolishaya iGibhithe ngezenzo ezinkulu zokwehlulela, ngikhiphe abantu bami, u-Israyeli, ngamaviyo abo, eGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kepha uFaro akayikunilalela; ngiyakubeka isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe amabandla ami, isizwe sami, abantwana bakwa-Israyeli, ezweni laseGibithe ngezahlulelo ezinkulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kepha uFaro akayikunilalela, ukuze ngibeke isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe amabutho ami nabantu bami, abantwana bakwa-Israyeli, ngiphume ezweni laseGibithe ngezahlulelo ezinkulu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 7:4
28 Referans Kwoze  

USimakade wathi kuMose: “UFaro ngeke akulalele ukuze izimangaliso zami ziphindaphindwe eGibhithe.”


Ngakho-ke yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘NginguSimakade, ngiyakunikhulula emithwalweni yabaseGibhithe, nginikhulule ekugqilazweni yibo, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezenzo ezinkulu zokwehlulela.


Ngalolo lusuku uSimakade wabakhipha abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.


ngokuba ziqotho, futhi zilungile izehlulelo zakhe, ngokuba usehlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindiselele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”


Ngase ngizwa i-althare, lithi: “Yebo, Nkosi Nkulunkulu Somandla, ziqinisile, futhi zilungile izehlulelo zakho.”


Ngubani ongayukukwesaba, Nkosi, adumise igama lakho, na? Ngokuba Wena wedwa ungcwele, zonke izizwe ziyakuza zikhuleke phambi kwakho, ngokuba izenzo zakho zokulunga sezisobala.”


Ngiyakulijezisa iGibhithe, futhi bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.’ ”


IPhathirosi ngiyakulenza libe lihlane, ngiphembe umlilo eZowani, ngilijezise iNo.


Ngiyakwehlisela isijeziso phezu kukaMowabi, bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.’ ”


“Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Kakhulu kangakanani, lapho sengithumela eJerusalema izehlulelo zami ezine ezimbi: inkemba, indlala, izilwane zasendle nobhubhane, ukuba kubhubhise izilwane nabantu okukulo!


Ungishaye ephindelela ubusuku nemini, engenqabela ukuba ngisondele kuye.


Ebusuku umphefumulo wami uyakulangazelela, ngiyokufunisisa ngomoya ongaphakathi kwami. Ngokuba lapho izehlulelo zakho zisemhlabeni, izakhamuzi zasemhlabeni zifunda ukulunga.


Ukulahlwa kulungiselwe izedeleli, nemivimbo, umhlane weziwula.


Noma yinini lapho bephuma impi, isandla sikaSimakade sasimelana nabo ukubehlisela okubi, njengalokhu uSimakade ayebaxwayisile wafunga kubo, babekhathazekile kakhulu.


USimakade wayesethi kuMose: “Hamba uye kuFaro, ngokuba ngiyenze yaba lukhuni inhliziyo yakhe neyezinceku zakhe, ukuze ngikhombise lezo zibonakaliso zami kubo.


isandla sikaSimakade sizoyishaya ngesifo imfuyo esehlane: amahhashi, izimbongolo, amakameli, izinkomo, izimvu, nezimbuzi.


Yibo o-Aroni noMose uSimakade athi kubo: “Khiphani abantu bakwa-Israyeli eGibhithe ngamaviyo abo.”


Ngiyakwelula isandla sami ngilishaye iGibhithe ngezimangaliso engiyakuzenza kulo; emveni kwalokho iyakunikhulula nihambe.


Ngiyazi ukuthi inkosi yaseGibhithe ayiyukunivumela ukuba nihambe, ngaphandle kokuba ngiyicindezele ngesandla esinamandla.


USimakade wathi kuMose: “Manje uzokubona engizokwenza kuFaro. Uzobadedela bahambe, ngenxa yesandla esinamandla; ngesandla esinamandla uzobaxosha ezweni lakhe.”


Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akabalalelanga, njengalokhu ayeshilo uSimakade.


Uyakuthi kuye: ‘USimakade, uNkulunkulu wamaHebheru ungithume kuwe ukuba ngithi: “Vumela abantu bami bahambe ukuze bayongikhonza ehlane. Kepha kuze kube manje awulalelanga.


Kepha lapho uFaro ebona ukuthi uthole ikhefu, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, akaze abalalela njengalokhu ayeshilo uSimakade.


Osomlingo bathi kuFaro: “Lona ngumunwe kaNkulunkulu.” Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akafunanga ukubalalela njengalokhu ayeshilo uSimakade.


Kepha uSimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, akabalalelanga, njengoba uSimakade ayeshilo kuMose.


UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo.


“Kuyakuba kuwe wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuze umthetho kaSimakade uhlale ezindebeni zomlomo wakho , ngokuba ngesandla esinamandla uSimakade wakukhipha eGibhithe.


UMose wamlandisa umukhwe wakhe konke uSimakade ayekwenze kuFaro nakwabaseGibhithe ngenxa ka-Israyeli, nobunzima bonke ababehlangabezane nabo endleleni, nokuthi uSimakade wabakhulula kanjani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite