Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 7:23 - IsiZulu 2020

23 UFaro waphenduka wabuyela esigodlweni sakhe, akaze akunaka lokho enhliziyweni yakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 UFaro waphenduka wangena endlini yakhe, kayibekanga inhliziyo yakhe nakulokho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 UFaro waphenduka, wangena endlini yakhe, akabekanga inhliziyo yakhe nakulokhu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 7:23
20 Referans Kwoze  

Uma ningaleli, uma ningazimiseli enhliziyweni ukuhlonipha iGama lami, ngiyakunithumelela isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, impela sengiziqalekisile, ngokuba anizimisele enhliziyweni, kusho uSimakade Wamabandla.


Bhekani phakathi kwezizwe, nibuke, nishaqeke ngokumangala, ngokuba ngizakwenza isimanga ezinsukwini zenu eningayukusikholwa, lapho kulandwa ngaso.


Lo muntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engizokukhombisa khona, ngokuba ulethwe lapha ukuba ngikukhombise. Tshela indlu yakwa-Israyeli ngakho konke lokhu okubonayo.”


Inkosi nezinceku zayo ezezwa wonke lawo mazwi, azesabanga, futhi aziziklebhulanga izingubo zazo.


Simakade, kanti amehlo akho awafuni lona yini iqiniso na? Ubashayile, kodwa abadabukanga, ubaqedile, kepha balile ukwemukela ukuyalwa; ubuso babo babenze balukhuni ukwedlula itshe, benqaba ukuphenduka.


Simakade, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. Mababone intshisekelo yakho ngabantu bakho, babe namahloni; bazoqothulwa ngumlilo owubekele izitha zakho.


Umuntu othi esolwa abe nenkani, uyochotshozwa ngokuphazima kweso, akayukuhlengwa muntu.


Mina ngakubona lokho, ngacabanga; ngabona, ngathola isifundo sokuthi:


Beka indlebe yakho, uzwe amazwi ezihlakaniphi, usigcine enhliziyweni yakho isifundiso sami,


Maningathembeli ekuqhwageni, ningazigabisi ngokuphangiweyo. Uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.


Uyini umuntu ukuba umenze abe mkhulu, nokuba ubeke inhliziyo yakho kuye,


Ngesikhathi sokufa kuka-Eli kwakunabesifazane ababemi ngakumkaFinehasi, bathi kuye: “Ungesabi, ngokuba uthole indodana.” Kodwa yena akakunakanga lokho, akaze aphendula.


wathi kubo: “Agcineni enhliziyweni yenu wonke lawa mazwi enginixwayisa ngawo namuhla, niyale ngawo abantwana benu, ukuze baqikelele ukuwenza wonke amazwi alo mthetho.


Lezo ezingaligqizanga qakala izwi likaSimakade zazishiya izigqila nemfuyo yazo endle.


Kepha nosomlingo baseGibhithe nabo, ngemilingo yabo, benza into efanayo, ngakho-ke inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akavumanga ukubadedela, njengalokhu uSimakade ayeshilo.


Bonke abaseGibhithe bamba nxazonke zomfula iNayili ukuze bathole amanzi okuphuza, ngoba babengenakuwaphuza amanzi ayesemfuleni.


Lezo zinceku zikaFaro ezazilesaba izwi likaSimakade zaphuthuma zafaka izigqila zazo, nemfuyo yazo endaweni ephephileyo.


Ubusisiwe umuntu owesaba njalo, kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.


Wathi wena: ‘Ngiyohlala ngiyindlovukazi, kuze kube phakade.’ Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho, awukhumbulanga isiphetho sazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite