Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 7:22 - IsiZulu 2020

22 Kepha nosomlingo baseGibhithe nabo, ngemilingo yabo, benza into efanayo, ngakho-ke inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akavumanga ukubadedela, njengalokhu uSimakade ayeshilo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Izanusi zaseGibithe zenze njalo ngemilingo yazo, yaze yaba lukhuni inhliziyo kaFaro; kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Izanusi zaseGibithe zenze njalo ngobuthakathi bazo, futhi inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga; njengokutsho kweNkosi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 7:22
8 Referans Kwoze  

UFaro wayesebiza amadoda ahlakaniphileyo, abalumbi, nosomlingo baseGibhithe, nabo benza okufanayo ngemilingo yabo.


Njengokuba uJane noJambre bamelana noMose, kanjalo nalaba bamelana neqiniso, bangabantu abangqondo yabo yonakele, abehlulekayo ekukholweni.


Uma-ke bengabaphrofethi, nezwi likaNkulunkulu likubo, mabanxuse kuSimakade Wamabandla, ukuba izitsha ezisasele endlini kaSimakade, esigodlweni senkosi yakwaJuda, naseJerusalema zingayi eBhabhele.


Ekuseni uFaro wakhathazeka emoyeni wakhe, wathumela ukuba kubizwe zonke izanusi, nazo zonke izihlakaniphi zaseGibhithe, wabatshela ngamaphupho akhe, kodwa akekho namunye owakwazi ukumchazela wona.


Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akabalalelanga, njengalokhu ayeshilo uSimakade.


kwafa izinhlanzi. Umfula wanuka kangangokuthi abaseGibhithe abakwazanga ukuphuza amanzi awo: kwakunegazi kulona lonke iGibhithe.


UFaro waphenduka wabuyela esigodlweni sakhe, akaze akunaka lokho enhliziyweni yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite