Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 7:10 - IsiZulu 2020

10 UMose no-Aroni baya kuFaro benza njengalokhu uSimakade ebayalile; u-Aroni wayiphonsa phansi induku yakhe phambi kukaFaro nezikhulu zakhe, yaphenduka inyoka.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 OMose no-Aroni bangena kuFaro, benza njengalokho uJehova ebayalile; u-Aroni waphonsa phansi induku yakhe phambi kukaFaro naphambi kwezinceku zakhe, yaphenduka inyoka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 OMose no-Aroni bangena kuFaro, benza njengalokho uJehova ebayalile; u-Aroni waphonsa induku yakhe phansi phambi kukaFaro naphambi kwezinceku zakhe, yaba yinyoka.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 7:10
10 Referans Kwoze  

Wayesethi: “Yiphonse emhlabathini.” Wayiphonsa emhlabathini, yaphenduka inyoka; uMose wayibalekela.


Niyabona, ngininike igunya lokunyathela izinyoka nawofezela, naphezu kwamandla wonke esitha; akukho lutho oluyakunilimaza.


Bayakubamba izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akuyukuba nangozi kubo, bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.”


Noma bangacasha esiqongweni seKharmeli, ngiyakubathungatha, ngibabambe. Noma bangazifihla ekujuleni kolwandle ngingababoni ngawami amehlo, kodwa nakhona lapho ngiyakujuba inyoka ibalume.


“Uma uFaro ethi yenzani isibonakaliso, ubokuthi ku-Aroni: ‘Thatha induku yakho uyiphonse phansi phambi kukaFaro; iyophenduka inyoka.’ ”


Hamba uye kuFaro ekuseni, uyaphuma njengamanje uya emfuleni. Uyokuma umlinde ngasosebeni lomfula. Phatha ngesandla induku leyo eyaphenduka inyoka.


Wathumela izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibhithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.


UMose no-Aroni benza njengalokhu uSimakade ayebayalile.


UMose no-Aroni benza njengoba uSimakade ayebayalile. Wayiphakamisa induku yakhe, washaya amanzi emfuleni phambi kukaFaro nezinceku zakhe, onke amanzi ayesemfuleni iNayili aphenduka igazi,


Abantu bakwa-Israyeli bahamba njengoba uSimakade ebayalile oMose no-Aroni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite