Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 6:12 - IsiZulu 2020

12 Kepha uMose waphendula uSimakade, wathi: “Abantu abazange bangilalele; uzongilalela kanjani uFaro nginezindebe ezingasokwanga kanje na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UMose wakhuluma ebusweni bukaJehova, wathi: “Bheka, abantwana bakwa-Israyeli abangilalelanga; uFaro angangilalela kanjani, nginezindebe zomlomo ezingasokwanga, na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UMose wakhuluma phambi kukaJehova, wathi: “Bheka, abantwana bakwa-Israyeli abangilalelanga; pho, uFaro angangilalela kanjani omlomo wakhe ungasokile na?

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 6:12
16 Referans Kwoze  

UMose wathi kuSimakade: “Nkosi, ngixolele, angikaze ngibe ngumuntu oyiciko lokukhuluma, kusukela kuqala kuze kube manje njengoba ukhuluma nenceku yakho, ngokuba nginamalimi, ulimi lwami lulukhuni.”


Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Simakade! Mina angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngisengumfanyana nje.”


Kepha uMose wathi phambi kukaSimakade: “Njengoba nginezindebe ezingasokwanga nje, uzongizwa kanjani uFaro na?”


Ngiyokhuluma kubani, ngixwayise bani, ukuze balalele na? Bheka, izindlebe zabo ezingasokiwe azizwa, izwi likaSimakade seliphenduke ihlazo kubo, abathokozi ngalo.


“Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu.


Nami ngokunjalo ngamelana nabo, ngabayisa ezweni lezitha zabo. Uma ngaleso sikhathi izinhliziyo zabo ezingasokile zithobeka, bekhombisa ukuphenduka ngobubi babo,


UMose wakhuluma kanjalo kubantu bakwa-Israyeli, kodwa abazange bamlalele, ngenxa yezinhliziyo ezincane nokusebenza kanzima.


UMose wathi kuNkulunkulu: “Uma ngifika kubantu bakwa-Israyeli, ngithi kubo: ‘UNkulunkulu woyihlo ungithumile,’ bese bengibuza bethi: ‘Ngubani igama lakhe na?’ ngiyakuthini kubo na?”


iGibhithe, uJuda, u-Edomi, abantu bakwa-Amoni, uMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo, abakhe ehlane. Ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”


Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ondebe zakhe zingcolile, futhi ngihleli phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile. Ngokuba amehlo ami ayibonile iNkosi uSimakade Wamabandla.”


USimakade uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yozalo lwakho, ukuze umthande uSimakade uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangawo wonke umphefumulo wakho, ukuze uphile.


Kepha uMose wathi kuNkulunkulu: “Ngingubani mina ukuthi ngingaya kuFaro, ngikhulule abantu bakwa-Israyeli eGibhithe na?”


UMose waphendula wathi: “Kepha bheka, ngeke bangikholwe noma bangilalele, bayakuthi: ‘USimakade akabonakalanga kuwe.’ ”


USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni ukuba bayale abantu bakwa-Israyeli noFaro inkosi yaseGibhithe ukuba akhiphe abantu bakwa-Israyeli eGibhithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite